Kushikisha ufudu kudansa unwabu emacikweni aseMgungundlovu

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

TSEPO MOTLOKOA

INTAKA ibekelwe amazolo emacikweni asafufusa esifundeni saseMgungundlovu njengoba ehlelelwe i-workshop yezinyanga ezingu-5 ngabe-Black Face Creative Projects lapho ecijwa khona ngomkhakha wokulingisa nowomculo kuhlanganisa nokufakwa kwawo emakethe.

UXolani Zondi ongumqondisi weBalck Face Creative Projects owaduma emdlalweni weshashalazi i-7 Day’s War okwakuyimpi yabe-ANC nabe-IFP eyadlula nemiphefumulo eminingi yabantu baseMgungundlovu ngasekuqaleni kuka-1990 uthe amaciko ahambela le workshop athole ingqayizivele yethuba lokucijwa nguKhaya Dladla (Nxebalendoda) noLucky Simayi (Shwiliza) abangabalingisi beHostela ukuwumdlalo okhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo seDstv iMzansi Magic 161 ngeSonto ngo-8 kuya ku-9 kusihlwa.  UXolani uthi okumenze wahlela ukusiza amaciko angakubo yingoba uye awabone etabalasa uma ezama ukungena emkhakheni wokulingisa nasemculweni agcine edikibala namathalente awo. Uthe ngalolu lwazi analo kwezokulingisa uyafisa ukwabelana nabanye ngalo nokuthi alande osaziwayo abalingisayo nabaculayo. “Abantu esibasizayo lapha ngabaphakathi kweminyaka engu-14 kuya kwengu-45. Le workshop siyeza njalo ngoLwesihlanu nangoMgqibelo njengoba kuzoze kuphele lezi nyanga ezinhlanu esizihlelile. Lapha sihlomisa amaciko akusasa ngezindlela zokuthuthuka kule mikhakha emibili nokuthi azi ukuthi le mikhakha ijule kangakanani akusikhona ukuba ngumculi kumbe ukulingisa kuphela okuphilisayo kodwa kuyabhalwa, kuqondiswe, kwenziwe nokunye okuningi. Sizimisele ukubambisana nohulumeni ngokugcina yonke imithetho yeCOVID-19 njengoba konke sikwenza ngokuqikelela ukuthi akuphumi esandleni,” usho kanje. 

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: