Uthi Makaqele azine kuqala uBennie ngaphambi kokuba ajoyine elesizwe

68

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

MAGAYE CELE

LOYO owayeyisiqongqwane sasemva seqembu labangaphansi kweminyaka engu-23, laseNingizimu Afrika amaGlug Glug, uMatthew Booth useluleke uBenny MCcarthy ukuthi angajahi ukuyoqhoqhobela isikhundla sokuqeqesha iqembu lesizwe lebhola lezinyawo lakuleli iBafana Bafana.

UBooth owabuye wabonakala egijima kwiMamelodi Sundowns uthi uBenny kumele aqale azinze kahle ekubeni ngumlolongi esigabeni esiphezulu saseNingizimu Afrika kuqala. Ngokwakhe uBooth bekuzoba uyagagamela uBenny ukube ugcine esamukelile isikhundla sokulolonga iqembu lesizwe.

Yize inhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (Safa) igcine iqoke umlolongi wangaphandle uHugo Broos kweseBafana Bafana kodwa beyikade ibheke oyedwa phakathi kukaBenny owake wagijima kuyona iBafana kanye noPitso “Jingles” Mosimane okuyimanje uqhoqhobele esokucija izingqwele zase-Afrika, i-Al Ahly, yaseGibhithe.

UBooth uthe uBenny angaphangi umdaka  linganile. Echaza uBooth uthe: ‘’ Angikholwa ukuthi bese kuyisikhathi esihle lesi sokuba uBenny aqokelwe esikhundleni sokuthi alolonge iqembu lesizwe iBafana Bafana. Mina ngikholwa ukuthi uBenny kumele aqale abonakale azinze ngokuphelele emsebenzini wakhe omuhle abonakala ewenza kahle okwamanje.”

Ukhuluma kanjena nje uBooth abahlaziyi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika bebelibeka ngembaba elokuthi iBafana Bafana yenza kangcono uma iqeqeshwa ngabalolongi bakuleli uma kuqhathaniswa nalabo bokufika.

Kuzokhumbuleka njalo ukuthi uBooth noBenny babeseqenjini lamaGlug Glug elaqopha umlando libhambabula iBrazil ngamagoli amathathu kwelilodwa emidlalweni yama-Olympics yango-2000. Lelo qembu lalilolongwa ngu-Ephraim “Shakes’’ Mashaba. Lalikade ligabe ngezibabuli zabadlali beqophelo eliphezulu okubalwa kubona uQuinton Fortune wodumo kwiManchester United yaseNgilandi, Steve Lekolea owazakhela igama elikhulu kwi-Orlando Pirates kanye naye uBenny okuyimanje nguyena kuphela umdlali waseNingizimu Afrika onesicoco se-UEFA Champions League asinqoba ngesikhathi egijima kwiFC Porto yasePortugal ngo-2004.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: