Seligaya ngomunye umhlathi kwelikaZuma

61

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Inkantolo yomthethosisekelo isivumile ukulalela isicelo sikalowo owayengumengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma sokubuyekezwa kwesinqumo sayo sokumgweba izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.

Lokhu kusho ukuthi uZuma angeke esazinikela emaphoyiseni kusasa.

Amabutho kanjalo namalunga omphakathi balokhu bethutheleke njalo emzini kaNxamalala eNkandla ukuzomeseka, kanti kuzokuthi kusasa uMsholozi abe nesithangami sabezindaba.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: