OWAKAMASHU NESIFISO SOKUYOGIJIMA ENGILANDI

33

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

MAGAYE CELE

ISIBABULI somdlali waseswini saseNingizimu Afrika, uThabo Cele odabuka KwaMashu enyakatho yeTheku sithi okwamanje asizimisele nje ukubuya sizogijima kwiDSTV Premiership lingakafezeki iphupho lokugijma esigabeni esiphezulu saseNgilandi.

Lesi silomo okuyimanje sigijima phesheya kwezilwandle sikhuluma kanjena nje yingoba kamuva nje kuke kwasabalala mawala imibiko ebisiyamanisa kakhulu namaqembu ehlukene agijima kwiDSTV Premiership.

Phakathi kwamaqembu lesi silomo esike sayamaniswa nawo kubalwa ezikaShintsha Guluva, iKaizer Chiefs yaseNaturena, yiMartzburg United, kanye nezikaManzini AmaZulu fc.

Kuzokhumbuleka ukuthi uCele usanda kuhlukana neqembu lasePortugal abelidlalela iCD Da Piedale okuyiqembu eligijima esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe.

UCele ubekade eseqenjini labadlali baseNingizimu Afrika abathole ingqayizivele yethuba lokuba bamele iNingizimu Afrika emidlaweni yama-Olyimpic ebikade igijinyelwa eJapan ngenyanga eyedlule.

“Mina isifiso sami esikhulu kunazo zonke ukuthi ngigcine ngilitholile ithuba lokuthi ngikwazi ukuyozibonakalisa kwelinye lamaqembu amakhulu agijima esigabeni esiphezulu saseNgilandi. Ngikholwa ukuthi leso sifiso singafezeka inqobo nje uma ngizoqhubeka nokuthi ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla lokhu,’’usho kanje.

Uthe uma lingafezeki iphupho lakhe lokuyogijima eNgilandi angakujabulela kakhulu nokuthi athole ithuba lokuthi asayiniswe yinoma yiliphi iqembu laseSpain eligijima esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe.

Ngokusho kwakhe usuke esikhule kakhulu ebholeni likanobhutshuzwayo umdlali osuke esethole ithuba eliyingqayizivele lokuthi agijime kuwona womabili lawa mazwe awachaze njengayizikhondlakhondla ebholeni elikhokhelwayo emhlabeni nje jikelele.

Ube esebonga kakhulu kubona bonke abantu baseNongizimu Afrika athe selokhu aqala ukuba umdlali webhola likanobhutshuzwayo bakhombisa ukumeseka kakhulu. Lokho kuyena uthe kusho lukhulu.

“Uyazi ayikho into emnandi njengokubona abantu basezweni lakho bekhombisa ukukweseka kakhulu kulokho okwenzayo ngiyabonga kakhulu,’’usho kanje.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: