UPHEPHEZELISELE PHEZULU IFULEGI LASENINGIZIMU AFRIKA

27

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

MAGAYE CELE

BAYAQHUBEKA nokuphephezelisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika abadlali beBanyana Banyana abayibambe phesheya kwezilwandle.

Lokhu kuza ngemuva kokuba omunye umdlali wakuleli oyibamba emuva kwiBanyana Banyana, uLebohang Ramalepe enqobele iqembu lakhe isicoco esimqoka kakhulu.

URamalepe usize iDinimo Misk yaseBerelus ukuthi ikwazi ukunqoba isococo iBelerus Womans Cup okuyinkomishi ebalwa nezinye ezinkulu kuleliya lizwe.

Lo mdlali ngokuzalwa ungowaseGa-Maupa, eLimpompo uthe kuyamthokozisa kakhulu ukubalwa nabanye babadlali abamqoka kakhulu kuleli qembu.

Uthe kwakuyisifiso sakhe esikhulu ukuthi ngelinye ilanga azibone egijima eqenjini lebhola likanobhutshuzwayo laphesheya kwezilwandle.

Echaza uthe: “Kuyinto enkulu kakhulu kimina ukunqobela iqembu lami isicoco esimqoka njengalesi. Ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubeka nokudlala ngokuzimisela kakhulu kunakuqala. Okuyikhona okumqoka kakhulu kimina manje ukubona leli qembu likwazi ukuqukula izindebe.’’

Eqhuba uthe ukusayindwa yileli qembu kukodwa nje yikhona okumnikeza umdlandla omusha usuku nosuku. Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi kungenzeka bagcine bekwazile ukuthi babe yizingqwele zesicoco seligi uma konke kuhambe kahle.

“Ngikholwa ukuthi konke okwamanje sisakwenza ngendlela eyamukelekile. Nezinga lokuzimisela kubadlali beqembu lethu liphezulu kakhulu. Ngenxa yaleso sizathu angingabazi ukuthi kuningi kakhulu esisazokwazi ukuthi sikunqobe ndawonye,’’usho kanje.

URamalepe ngokunqoba kwakhe lesi sicoco uhamba ezinyathelweni zabanye ozakwabo beBanyana Banyana abagijima phesheya kwezilwandle esebekwazile ukuphephezelisela ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu.

Phakathi kwabo kubalwa umgadli wakuleli ogila izimanga uThembi Khatlane, uNokwe Mahloe owake wahlonzwa njengomdlali ovelele ezwenikazi i-Afrika. Iqembu likaRamalepe nelikaRefiloe Jane i-AC Milan yase-Italy yiwona kuphela amaqembu abo akwazile ukuthi azibekisele indawo emqhudelwaneni wabesifazane omkhulukazi i-European Club Competition.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: