Kufezeke isifiso sama-LGBTQIA aseMgungundlovu ngamafilimu

UPORTIA Ndudane ezibambele mathupha kwi-camera yakhe.
29

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

TSEPO MOTLOKOA

ABE-LESBIAN, Gay, Bisexual, Transgender, Queer, Intersex and Asexual (LGBTQIA) bakhothama kuhulumeni kazwelonke nowaKwaZulu-Natal ukuba ungabashiyi ngaphandle abantu abathandana nobulili obufanayo emikhankasweni eyenziwayo efuze owe-16 Days of Activism against Gender-based Violence ngoba nabo kabasali ngaphandle kulokhu kuhlukunyezwa njengoba beyizisulu zokudlwengulwa baze babulawe. 

Lesi yisicelo sikaPortia Ndudane owumqondisi weDynamites Youth Organization yaseMgungundlovu obekhuluma neSivubela Intuthuko echaza ngezinhlelo zabo eziqhubekayo zemibukiso yamafilimu akhombisa ngempilo yabantu abathandana nobulili obufanayo. UPortia uthe leli thuba lenyanga yasesifazane u-August bafuna ukulisebenzisa ngendlela ehlukile bengabesifazane abathandana nobulili obufana nobabo ngokuthi bafundise kabanzi ngale mpilo kungabi sengathi yinto ewumdlalo.

Uthe uyakholwa ukuthi likhulu iqhaza elingabanjwa ngama-LGBTQI ekulweni nodlame lobulili olukhombisa ukukhula ngesivinini lapha eNingizimu Afrika. “Sesihlukumezeke kakhulu singabesifazane ngokuthandana nabanye besifazane okugcina ngokuthi sibulawe. Kunomngani wami owabulawa ngabesilisa ngoba bemsola ngokuthi ubathathela izintombi zabo. Umngani wami waqale washaywa, wadlwengulwa wabe esegwazwa waze wafa. Sifuna amaphutha alolu hlobo angaphinde enzeke ezweni lethu okuthiwa likhululeke kuwona wonke umuntu ohlala kulona. Sizimisele ukuhlelela isizukulwane esizayo ngolwazi lokuthi umuntu othandana nobulili obufana nobakhe uyahlonishwa. Sicela umphakathi nemindeni yethu basamukele njengoba sinjena nathi singabantu kuhlule imizwa yethu ephambene nobulili bethu,” usho kanje.  

La mafilimu abukwa eMgungundlovu ngale nyanga aqoshwe ngabesifazane abathandana nobulili obufanayo lapho bebeveza khona ubuciko babo ekuhlanganiseni imibukiso ngaphansi kwalo mkhakha obewaziwa njengowabesilisa kuphela. 

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: