SEYIVULIWE IMEGA CITY EBIKHAHLAMEZEKILE NGEZIBHELU

IMEGA City yaseMlazi ebikhahlanyezwe kakhulu izibhelu seyiqalile ukusebenza
41

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

MAGAYE CELE

SEZIQALILE ukusebenza ezinye sezitolo ezingaphakathi enxanxatheleni iMega City, eseMlazi eningizimu yeTheku.

Lezi yizindaba ezimnandi ikakhulukazi kubantu bakuleli lokishi abasebenzisa le ndawo ukwenza izinto eziningi ezahlukene.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi iMega City ibalwa nezinye zezindawo ezakhahlanyezwa yizibhelu ezibonakale zidla lumi emasontweni amane edlule.

Amalunga omphakathi akhona eMlazi ngaphambilini abonakala ehola umkhankaso omqoka kakhulu wokuhlanza le ndawo.

Lo mkhankaso wabonakala uthela izithelo njengoba le ndawo igcine ihlanzwa yaba sesimweni esihle kakhulu kunalesi ebiyisona ngesikhathi kutatshwa kuyona.

UMengameli wezwe, laseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa ngesikhathi ematasa ehambela izindawo ezikhahlanyezwe yizibhelu wabonakala eya naseMega City. Wanxusa abantu bakule ndawo ukuthi basebenzisane ukuze konke kuzobuyela esimweni esejwayelekile.

Kanjalo neMeya yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda naye uke wahambela kule ndawo ngesikhathi esemkhankasweni wokuhambela izindawo ezahlukene okwakutatshwa kuzona.

Nokho ke manje kulokoza inhlansi yethemba kubantu bakule ndawo njengoba izitolo seziqalile ukuthi zidayisele abantu.

Omunye wabahlali baseGlebe land okuyihostela eliseduze kakhulu nale nxanxathela yezitolo, uMnuz Zakhele Shwabede utshele iSiyavubela ukuthi kuyabajabulisa kakhulu ukuvulwa kweMega City.

Ulibeke ngembaba elokuthi bese bephila impilo enzima kakhulu sekudingeka ukuthi baze bagibele baye eThekwini uma befuna ukuthenga igilosa yasendlini.

“Sijabule kakhulu ngokuvulwa kwezinye zezitolo zalapha eMega City. Impela impilo bese sibona kahle ukuthi isiqala ukuthi ibe nzima kakhulu kunakuqala. Bese siqala nokukhuthazeka sibona sengathi izingane ebezisebenza  khona sezizogcina sezilahlekelwa yisinkwa okuyinto ebingaba yimbi kakhulu,’’usho kanje.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: