UMasipala wakaMaphumulo Uhalalisela iReal Magic FC

29

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

NgoLwesithathu umhlaka 1 kuMandulo ku-2021, uMasipala wakwaMaphumulo uholwa uMeya uZibuyisile Khuzwayo-Dlamini kanye nePhini leMeya uZama Ncalane-Mhlongo, behambisana noSomlomo womkhandlu uCllr Simphiwe Shange noSihlalo wePortfolio Yabasha nezemidlalo, uCllr Khumbulani Xhakaza babambe umhlangano wokuhalalisela ngokusemthethweni i-Real Magic FC ngokunyukela kwabo kwiSAFA Second Division: ABC Motsepe League.

uMeya uKhuzwayo-Dlamini ulihalalisele iqembu futhi walifisela okuhle kodwa ohambweni lwabo oluya kuSAFA Second Division. ” Egameni likaMasipala wakwaMaphumulo nomphakathi wonke ngifisa ukuhalalisela iReal Magic FC ngokubeka uMaphumulo ebalazweni. Siyethemba ukuthi iqembu lizokhombisa ukusebenza okukhuthazayo ku-ABC Motsepe League, lokho kuzovuselela uthando lwebhola lezemidlalo kwaMaphumulo. Siyawunxusa umphakathi wakwaMaphumulo ukuthi weseke iqembu lethu lendawo yakithi kwaMaphumulo engamele thina kuphela kodwa nesifunda sonke seLembe “. Kusho uMeya uKhuzwayo-Dlamini.

“Singu Mkhandlu wakwaMaphumulo siyafusa ukunyusa oizinga ukwenza ngcono izindawo zethu zezemidlalo nengqalasizinda ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kwezemidlalo endaweni yakwaMaphumulo” Kwengeza iMeya.

UMasipala waseMaphumulo uzibophezele ekuthuthukiseni intsha nezemidlalo.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: