UMDLALI WEQEMBU LASETHEKWINI NESIBOPHEZELO SAMAGOLI

10

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

MAGAYE CELE

OMUNYE wabadlali beqembu laseThekwini, iLamontville Golden Arrows uthi ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ukubhakuzisa inethi ukwenza kube umthwalo wakhe kule sizini ka-2021/2022.

Loyo ngumdlali osamncane kodwa osezakhele igama, uSphamandla “Energy” Sabelo obonakala edlala kahle kakhulu kubona abafana besithende abaphethwe nguManto Madlala.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mdlali othembisayo esephumele obala wazithwesa ijoka lokuthi ufuna ukuthi iqamba iyasongwa le sizini useshaye amagoli evile eshumini kumbe ke ayishumi.

Uthi lokhu ukholwa ukuthi uzokwazi ukuthi akwenze ngempumelelo inqobo nje uma ezoqhubeka nokuthi adlale ngokuzikhandla uma iqembu lakhe libhekene namanye.

“Mina angisiyena umuntu othanda ingcindezi kodwa ngikholwa ukuthi kwesinye isikhathi ingcindezi iyasiza kakhulu ekutheni umuntu alangazelele ukuthi enze kahle kakhulu ngaso sonke isikhathi. Yingakho ke nami ngizibophezela ekutheni ngizowashaya lawa magoli adingekayo ekilabhini engiyidlalelayo,’’usho kanjena ekhuluma ngokukhulu ukuzethemba lokhu.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi lo mdlali wayekade eseSchool of Excellence ikhono lakhe lahlonzwa numqeqeshi wakhe omdala, uMandla Ncikazi njemanje osemabhukwini e-Orlando Piarates.

UNcikazi wabona ikhono kuyena wangapholisa maseko wamane wakhetha ukumsayinisa kwiGoldeni Arrows. Nangempela akazange aphoxe njengoba namanje esaqhubeka nokwenza kahle kakhulu kuyona le kilabhu.

Njengoba uNcikazi eseyifulathele iGolden Arrows sekukhona uLehlonono Seema ongumqeqeshi omusha waleli qembu laseThekwini lokho akumkhathazi nje nakancane uSabelo.

Kunalokho uthe lokho yikhona impela okumgqugquzelayo kakhulu. “Lokho kungenza ukuthi ngisebenza kakhulu ngokuphindiwe. Okudala lokho ukuthi sengibonile ukuthi umqeqeshi wethu omusha uSeema uyakholelelwa kakhulu kimina. Futhi uyayithanda kakhulu indlela engidlala ngayo enkundleni,’’usho kanje.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: