SECHABA MAKORO

UMPHAKATHI waseLindelani ngaphansi kukaMasipala waKwaDukuza uguqe phambi kukamengemeli wezwe ne-African National Congress uMnu Cyril Ramaphosa ukuhlangabezana nokukhala kwabo ngaphansi kwesimo sempilo ophila ngansi kwaso.

Ukungaqashwa kwentsha kuyiva eliphukele enhliziyweni kubantu balendawo kanjalo nokugqoza kokuhanjiswa kwezidingongqangi zabantu emphakathini. Lo mphakathi uzikhulumele mathupha noMnu Ramaphosa ngeledlule njengoba ebehambele KwaDukuza naseMgungundlovu ezokhuluma ngohlelo lokugcina umbutho wabo kakhongolose uphila. Uqale KwaDukuza ngoMgqobelo kwathi ngeSonto wadlulela eMgungundlovu lapho ebuye wahambela amanye amathuna ase-Heroes Acre okulele kuwona amanye amaqhawe kaKhongolose njengoMnu Mncane Moses Mabhida.

Elinye ilungu lomphakathi waseLindenani litshele uMnu Ramaphosa ukuthi makangenelele anqande lokhu kunikezwa kwemisebenzi kubantu okwaziwa ukuthi balandela liphi iqembu lepolitiki. Likhale ngokuthi akhona amathuba omsebenzi avelayo emphakathini kodwa kuye kubhekwe labo bantu abasondelene nezikhulu ezithile bese kutomula bona kuqala. Lithe lokhu kudinga ukunqandwa ngoba abantu ngokomthetho-sisekelo wezwe laseNingizimu Afrika bayalingana akekho omkhulu kunomunye.  

Lapha eLindeleni kuvele ukuthi ukukhula kwezinga lobugebengu kuphezulu ngakho bekungaba kuhle ukuba uhulumeni angenelele ukuhlenga abantu abayizisulu zokubanjwa inkunzi mihla namalanga. Kuvela ukuthi abantu bathwala kanzima ngabasebenzayo njengoba begilwa ntambama uma sebebuya emsebenzini bathathelwe nezimpahala zabo. 

UMnu Ramaphosa uthembise ukungenelela ezikhalweni ezithulwe kuyena ngumphakathi obika ukukhathazeka kwawo ngesimo sempilo ophila phansi kwaso. Uthe iqembu lakhe eliholwa uhulumeni kazwelonke kanjalo naKwaZulu-Natal lizimisele ukuhlangabezana nazo zonke izikhalo zomphakathi ukuze uKhongolose ube yikhaya lethemba kubantu baqhubeke nokuweseka ngaso sonke isikhathi uma kuzokhethwa abaholi kumbe kuvotwa.