SECHABA MAKORO

UMASIPALA waseThekwini sewumi ngomumo ekubhekaneni nokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okulindeleke ukuba kuqale mhlaka 1 ku-August njengoba lo masipala kwamiswa ukucishwa kukagesi ezindaweni eziwakhele ngoba kwakusenenkinga yokulungiswa kwengqalasizinda selokhu kwahlasela izikhukhula ngo-April nonyaka. 

Lomasipala ukhiphe isitatimende lapho wazisa khona abantu bawakhele ukuthi sewumi ngomumo ubhekana nokunqanyulwa kukagesi okulindeleke ukuba sesigabeni sesine okuzokwenzeka ngezikhathi ezithile. Uthe umi ngomumo nokuthi kungaphazamiseki ingqalasizinda yiokulungiswa komonakalo owadalwa yizikhukhula ngesikhathi kunqanyulwe ukusatshalaliswa kukagesi kubantu. “Njengoba izwe libhekene nokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga nomasipala umelwe ukubambisana nazo zonke izinhlaka ezizama ukonga ugesi. I-Eskom nomasipala basezingxoxweni zokubheka ukungaphazamiseki kwezinye zezintambo ngezikhathi kunqanyulwe ugesi. Siyazi ukuthi kwakuhlasele izikhukhula kuneziphehli ezaphazamiseka lokho okwenza kwaphazamiseka nezokuxhumana okungama-cellphone nokunye okuncike ekusebenzeni ngogesi,” kusho isitatimende. 

Siqhuba lesi sitatimende sithe umphakathi uzobe waziswa ngokuqhubekayo kumbandakanya nokuphazamiseka kwezokuxhumana ngezobuchwepheshe. Kunxuswe umphakathi ukusebenzisa ugesi ngokuwonga ngokuthi lezo zinto ezisebenza ngawo futhi ezidinga amandla engeziwe kagesi zicishwe uma zingasebenzi ukuze wongeke ugesi. Umphakathi ucelwe ukuba uthole izikhathi nezindawo ukuthi ugesi uzocishwa kanjani ngokungena kwi-link: http://bit.ly/30sjnnV