Isifundazwe saKwaZulu-Natal sigubhe usuku lwe-Africa Day ngokuqhakambisa amasiko, ubumbano kanye nemibukiso ehlukahlukene ebonise ifa lezwekazi lase-Afrika. Umcimbi omkhulu ububanjelwe eThe Playhouse, eThekwini lapho uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli egcizelele umyalezo wobunye, ukubambisana kanye nokwakha ikusasa eliqhakazile le-Afrika. UNtuli uveze ukuthi i-Africa Day iyisikhumbuzo esibalulekile somlando wokuzibumbanisa kwe-Afrika kanye nesidingo sokuthi amazwe asebenze ndawonye ekuthuthukiseni intsha nomnotho.
Lo mgubho uhlanganise nemashi emigwaqweni yaseThekwini lapho izakhamuzi namaqembu amasiko ahlukahlukene bekhombise umculo, imidanso kanye nezingubo zendabuko ezimele amazwe ase-Afrika. Lokhu kugcizelele umqondo wokuthi ukuhlukahluka kwamasiko kuyisisekelo sobunye kunokuba kube yisizathu sokwehlukana.
