sivubelaintuthuko.co.za
OwezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN uzosebenza namaNazaretha aseBuhleni - Sivubela Intuthuko
SECHABA MAKORO OWEZOKUTHUTHUKISWA koMphakathi KwaZulu-Natal uhambele ubuholi bamaNazaretha aseBuhleni eNanda buyokhothama kubona bunxusa ukubambisana ngezindlela okungasetshenziswana ngazo naleli bandla ekulweni nalo lonke uhlobo lokuhlukunyezwa kwabantu okuvela ukuthi sekuze kwakapakela nakuyona lendawo yaseNanda. UNkk Nonhlanhla Khoza ophathiswe lo mnyango uphelezelwe ngabanye besifazane phakathi kwabo obekugqame lowo owayeyimeya yaseThekwini uNkk Zandile Gumede kuhanjelwe loluhlangothi lwamaNazaretha aseBuhleni olungafuni