Abesifazane baqhubeka nomkhondo wamaqhawe ka-1956 kwezemfundo

Abanye besifazane abebehambele umcimbi i-Women in Leadership and Research Programme.

ABESIFAZANE abasebenza kwezemfundo ePinetown District bakhuthazwe ukuba baqhubeke nokuhola, benze ucwaningo futhi baguqule umkhakha wezemfundo, kulandelwa ezinyathelweni zabesifazane ababa yingxenye yomlando ngo-1956.Lokhu kuvele emcimbini woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal wokugubha uSuku Lwabesifazane, obubanjwe ngaphansi kohlelo i-Women in Leadership and Research Programme e-Umhlanga Apart Hotel ngoLwesithathu, mhla zingama-26 kuNcwaba 2026.Lo mcimbi ubuhlose ukuhlonipha ifa labesifazane ababa nesibindi sokumasha ngo-1956, ngesikhathi esifanayo kugqugquzelwa abesifazane abasebenza kwezemfundo ukuba basebenzise ulwazi, ubuholi, ucwaningo nokubambisana ekuthuthukiseni imfundo.Abesifazane abangothisha nabaholi bezikole banconywe ngeqhaza labo ekwenzeni ngcono imiphumela yabafundi kanye nokusebenza kwesifunda.IPinetown District igqamise ukusebenza kwayo okuhle njengoba ithole amaphesenti angu-97.2 empumelelo, yenyuka isuka endaweni yesikhombisa yaya kweyesibili KwaZulu-Natal, yaphinde yabekwa endaweni yesine ezweni.Nokho, isifunda sithi asizimisele ukuphumula ngalokho esesikuzuzile, njengoba sihlose ukuvala igebe elisele elingamaphesenti angu-2.8 ukuze sifinyelele kumaphesenti angu-100 empumelelo.Le ngqungquthela iphinde yabheka izinselelo ezibhekene nabesifazane abahola ezikoleni, okubandakanya igebe lobulili ezikhundleni zobuholi kanye nezithiyo ezenza abesifazane abafaneleka ukuba ngamaphini othishanhloko bangakhushulelwa ezikhundleni zothishanhloko.UNobhala Wesifundazwe we-SADTU, uNksz Nomarashiya Calusa, ukhulume ngezingqinamba ezibhekene nabaholi ababambile, okubalwa kuzo ukungakhokhelwa kwemali yokubamba izikhundla, umthwalo omkhulu womsebenzi, ukushoda kwabasebenzi kanye nengcindezi ethinta impilo nenhlalakahle yabaholi.Uthe lezi zinselelo zenza kubaluleke kakhulu ukuthi kube nezinhlelo eziqinile zokweseka abaholi kanye nezimo zokusebenza ezizokwenza abesifazane bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngempumelelo.Ucwaningo nalo lube semqoka kulolu hlelo, kwathi uDkt Jennifer Vallen wethula ucwaningo olumayelana nemvume (consent), ebheka indlela izinkambiso zobulili, amandla kanye nokulindelwe ngumphakathi okuthinta ngayo indlela amantombazane asemasha aqonda futhi abhekana ngayo nemvume.Kugcizelelwe ukuthi ukuthola izinselelo ngocwaningo akumele kugcine lapho, kodwa kufanele kulandelwe yizixazululo ezisebenzayo kanye nezinyathelo ezibonakalayo.Lo mcimbi ube yisikhumbuzo sokuthi umzabalazo owaqalwa ngabesifazane ngo-1956 awukapheli. Lo mcimbi wesekwe nguSanlam kanye neChef Val Elite Culinary Institute, ababambe iqhaza ekugubheni nasekuhlonipheni abasebenzi abenze umehluko kwezemfundo.