BABIKE IZINSELELO ZOMPHAKATHI KUMDALI EMANYANWENI LWABASIFAZANE

Isithombe: Omama basesifundeni ilembe bakhulekele izinselelo zomphakathi. Isithombe sithunyelwe

OMAMA baseSifundeni iLembe bahlanganele ehholo i-Maphumulo Town Hall bethandazela izinselelo ezikhungethe imiphakathi, okubalwa kuzo ubugebengu, ukukhulelwa kwentsha, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokulahleka kwenhlonipho.Loluhlelo beluhlose ukuhlanganisa abesifazane ngomkhuleko, izingxoxo nokwakha ubumbano ukuze kubhekwane nezinkinga ezithinta imiphakathi yakulesi sifunda.UMeya waKwaMaphumulo, uKhansela Matozi Khuzwayo-Dlamini, uvule lolu hlelo ngomlayezo okhuthaza omama ukuthi umkhuleko nobudlelwane obuhle bungagcini emiphakathini kuphela, kodwa budlulele nakubaholi bezepolitiki.Uthe lokhu kubaluleke kakhulu ngezikhathi zokhetho, lapho kuvame ukuvela izingxabano, ukusabisana nodlame phakathi kwabantu ngenxa yokwehluka kwemibono yezepolitiki.Lolumanyano luphinde lathola imiyalezo yokuluseka enamandla evela emikhakheni ehlukene njengamaPhoyisa (uSayitsheni Mkhize), Ezempilo (uSistela Mgwaba), kanye nabanye nabaholi okubalwa kubo uKhansela Hlengiwe Makatha, u-Chaplain Gazu kanye no-Apostle Magubane.Izingxoxo kulo mhlangano zigxile ezinkingeni ezithinta imindeni, okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwezidakamizwa notshwala, ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukukhulelwa kwentsha kanye nokubaluleka kokukhuluma nabantwana ngaphandle kokufihla.Kuvezwe nokubaluleka kokuqina ngokomoya, lapho uSayitsheni Mkhize ephawule khona ukuthi ubuholi budinga umbono ovela kuNkulunkulu nobuhlakani. Enikeza inkulumo yosuku, uSomlomo weLembe, uKhansela Dolly Shandu uhloniphe iminyaka engama-70 yokulwa nokunqoba kwabesifazane, ekhumbula abesifazane ababanesibindi abavula indlela yabaholi bamanje.Ekhulumela ezempilo uSistela Mgwaba uphonsele omama inselelo yokwakha izisekelo eziqinile emakhaya ngokufundisa abantwana ukukhuleka, ukuchaza kahle ngemiphumela yempilo, nokukhuluma ngokukhululeka esikhundleni sokumemeza nokudala uvalo nokwesaba ezinganeni.U-Apostle Magubane ukhuthaze abesifazane ukuthi isizwe sidinga abantu besifazane abahlakaniphile, abakhulekayo abenza izinguquko abangagcini nje emakhaya nasezindaweni zokusebenza kwabo, kodwa bazixake nangokuphepha nokuthula emphakathini.UMasipala weSifunda iLembe liyaqhubeka nokuthembela okholweni, ebunyeni, nasezinhlakeni zomphakathi ezisebenza ukulwa nezinto eziwuhlupho emiphakathini futhi uzimisele ngokwakha isifunda esiphephile nesibekezelayo lapho intsha yethu iqondiswa khona, ivikelekile, futhi inikwa namandla okuphumelela.