Ele Asylum directive selihoxisiwe

Abantu base South Africa bakhulume kwezwakala

UHULUMENI waseNingizimu Afrika usuwuhoxisile umyalelo wokuthi abokufika bavumeleke ukufaka izicelo zokuqutshiswa kuleli (Asylum Seeker) ngenxa yempi ekhungethe amazwe abo. Lo myalelo ubukhishwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ngeledlule ukuthi kuvunyelwe wonke umuntu wokufika ukuthi afake isicelo eMnyangweni wezaseKhaya ngaphandle kokubheka ukuthi ufike kanjani kuleli.