Ibukeka izothela izithelo ezinhle ya-AmaZulu FC ebheke ku-2032

AmaZulu Fc tayiziqhenya ngokumemezela ubambiswano oluhlelekile neqembu laseSpain

Ezikhathini eziningi uSandile Zungu ongumphathi wa-AmaZulu FC uma ekhuluma ngaleli qembu, akwenzeki angaziphathi izinhlelo abanazo njengoba bebheke unyaka wezi-2032 nokuyilapho iqembu lizobe lihlanganisa iminyaka eli-100 lasungulwa. Izolo Usuthu lithule ngokusemthethweni ubudlelwano balo obusha obuzosebenzisana emazingeni aphansi neqembu laseSpain iLevante FC. UZungu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ukutho ngeqholo ukuthi lesi sivumelwano abasisayinile neLevante FC sizohamba ibanga elide futhi Usuthu luzodlondloba kakhulu. "Lesi sivumelwano sizovulela amathuba abadlali abakwizinkulisa ukuba bevelele, ngoba bezokwazi ukuthola uqeqesho lwezinga eliphezulu. Kuningi esizokuzuza siyikilabhu njengoba nabaqeqeshi bethu, kanjalo nezikhulu bezothola ingqayizivele yethuba lokuyocobelela ulwazi naphesheya kwezilwandle, kule kilabhu yaseSpain" kusho uZungu. USuthu alugxilile kakhulu eqenjini elikhulu kuphela kodwa ligxile nakwizinkulisa ingakho luneqembu elisuka ku/U13, U/15, U/17, U/19 besekuba elidlala kwi-DStv Diski Challenge (DDC).USnenjabulo Zungu-Ntuli oyi-CEO yoSuthu, uhambe emazwini kayise ukuthi lobudlelwano buzobasebenzela kakhulu."Eminyakeni emithathu kuya kwemine edlule besinaso isifiso sokuthi sibe nobudlelwano neqembu elidlala kwiligi enkulu phesheya kwezilwandle, siyajabula kakhulu ukuthi namuhla selifezekile lelo phupho. Imbangela yokufuna ubudlelwano obufana nalobu, ingoba sifuna ukufaka igama leqembu kwi-Map emhlabeni sikhulise intsha yethu ngoqeqesho oluhlukile kuphinde kukhule nabaqeqeshi. Asinalo ungabazane ekuthenini intsha yalapha KwaZulu-Natal kuningi ezokuzuka" kubeka uSnenjabulo Zungu-Ntuli.ILevante FC yona ibimelwe uDaniel Pastor ehambisana no-Alejandro Losa kube uMarcos Maisano oyisikhulu esiphezulu kwi-ISAM360, oyinkampani ehlanganise lesi sivumelwano ukuze intsha izuze okuningi, uthe lokhu kuzokwenza ukuba zonke izinhlangothi zizuze.