IDURBAN FASHION FAIR IGUBHA IMINYAKA ENGU-15 NGENGQEPHU
Isithombe: Ibhekwe ngabomvu imibukiso yengqephu yabazobe beshiyelana inkundla kusukela kusasa. Isithombe sithunyelwe.
IDURBAN Fashion Fair (DFF) izogubha iminyaka engu-15 ngomcimbi wezinsuku ezintathu lapho kuzokwethulwa khona umsebenzi wabasiki bengqephu abangu-84 eDurban Exhibition Centre, eThekwini.Lo mcimbi uzoba ngomhlaka-16 kuya ku-18 Septhemba ngaphansi kwendikimba ethi Where Legacy Lives, ugubhe iminyaka engu-15 le nkundla inika abasiki bengqephu ithuba lokukhombisa amakhono abo nokwakha amagama emikhiqizo yabo.Kulo nyaka kuzobe kukhona abasiki bengqephu abasuka eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika, okwenza lo mcimbi ube yisigcawu sokuhlanganisa amakhono ahlukahlukene embonini yezemfashini.Okunye okuzogqama kulolu hlelo yithuba elinikezwa abasiki bengqephu abasafufusa. Abangu-20 abaqokwe ku-DFF Class of 2026 sebechithe izinyanga eziyishumi beqeqeshwa ngezokuphathwa kwamabhizinisi, ukwakhiwa kwemikhiqizo nokufinyelela ezimakethe.Lolu hlelo luhlose ukusiza abasiki bengqephu ukuthi bangagcini ngokuba namakhono okuklama nokuthunga, kodwa bakwazi nokuwaguqula abe ngamabhizinisi azinzile.Phakathi kwalabo asebephume kulolu hlelo kukhona uSduduzo Nkwanyana, owaba yingxenye yalo ngo-2023, osezakhele istudiyo nefekthri yakhe futhi owenza nemifaniswano yezikole.UNoxolo Ngcobo, naye owaba yingxenye yohlelo ngo-2023, useqhuba istudiyo eSpringfield kanye nesitolo esiku-inthanethi.Kulo nyaka kuzophinde kubonakale amamodeli amasha angu-25 akhethwe kwi-DFF Model Search, aqeqeshwe ngezokuhamba emsamo, ukuzethemba, ukuxhumana nabezindaba, ukuzimaketha nokulungela ukusebenza embonini.IDFF isineminyaka engu-15 iyingxenye yemizamo yokuthuthukisa imboni yezemfashini nomnotho wokudala eThekwini, ngokuhlanganisa abasiki bengqephu, amamodeli, abathengi kanye nabanye ababambe iqhaza kulo mkhakha.Kulo mcimbi weminyaka engu-15, umsebenzi wabasiki bengqephu abangu-84 uzobe ukhombisa indlela iDFF esikhule ngayo kanye nefa esilakhile embonini yezemfashini.