IGWANDLA KUMASIPALA NGELOGWAZISWA
UMasipala wakwaMaphumulo uzwakalise ushaqeka ngokuzwa ngokusabalala kwemibiko yokugwazisa
Umasipala wakwaMaphumulo uzwakalise ukushaqeka ngokuzwa ngokusabalala kwemibiko ethinta Izinsolo zokugwazisa nenkohlakalo ngenhloso yokuthembisa amathuba omsebenzi nokwenziwe omunye wabasebenzi balomkhandlu Umasipala uyakuqonda ukuthi loludaba selusabalele emphakathini kanye nakwabezindaba yingakho loMasipala ufisa ukukubeka ngokucacile ukuba umsebenzi othintekayo usemisiwe emsebenzini kanti kuzoqalwa ngezinhlelo zangaphakathi zokuthola umnyombo ku loludaba.Umasipala wakwaMaphumulo uphinde uyaqinisekisa emphakathini ukuthi awekho amathuba emisebenzi adayisayo futhi uyanxusa ukuba babike labo abafona egameni laloMasipala bethembisa ngemisebenzi. Njengoba lolu kungudaba oluqhubekayo eminye imininingwano izolandela. Njengo Masipala wakwa Maphumulo siyaziqhelelanisa nesitatimende esivele kwabazindaba esimatanisa lomsebenzi nelinye lamaqembu ezopolitiki akhona emkhandlwini, esingakuqinisekisa ukuthi uyilunga lenye yezinyunyana kwa masipala (IMATU)