ILEMBE LIPHENDULA AMAGUGU ABA YISIBUSISO SAMABHIZINISI
Izithombe: Ezinye zezinto ebeziyingxenye yoMkhosi Wezobuciko, Amasiko noMculo obubanjelwe eNdwedwe. Izithombe zithunyelwe.
UMCIMBI wamagugu uphenduke waba yithuba kwezomnotho ngesikhathi uMasipala wesiFunda iLembe ubambisene noMasipala waseNdwedwe kanye neEnterprise iLembe ukwenza uMkhosi Wezobuciko, Amasiko noMculo. Lo mcimbi wezinsuku ezimbili obuseNdwedwe ubuhlanganise imiphakathi ehlukene ngenhloso yokugubha amasiko, umlando namagugu esiFunda iLembe, waphinde wanikeza abalimi nosomabhizinisi abasafufusa ithuba lokukhangisa nokudayisa imikhiqizo yabo.Ingxenye yokuqala ibisehholo lomphakathi eThembalabantu, eNdwedwe, lapho bekubukiswa khona ukudla kwendabuko, imisebenzi yezandla neminye imikhiqizo eyenziwa abantu bakule ndawo.Abalimi namabhizinisi amancane, bathole ithuba lokukhombisa ngemikhiqizo yabo, kusukela emikhiqizweni yezolimo kuya ezintweni ezenziwe ngezandla. Lokhu kubanikeze ithuba lokuxhumana ngqo nabathengi nokwandisa ulwazi ngemikhiqizo yabo.Usuku lokugcina lomcimbi belugcwele ezobuciko, amasiko nomculo, kwathi abaculi nabahlanganyeli baveza amakhono abo ngezinkondlo, izimbube, amabutho, omama besighekle, amaqembu esicathamiya, umaskandi kanye nokushaywa kwezigubhu.USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa kweNtsha, ezobuCiko namaSiko, uKhansela Nzuzo Chamane, ugcizelele ukubaluleka kokugcina amasiko ephila, ikakhulukazi phakathi kwentsha.Uthe intsha akumele ibheke amasiko njengento yakudala kuphela, kodwa kufanele ibambe iqhaza ekuwagcineni nasekuwadluliseleni ezizukulwaneni ezizayo.Umcimbi uphinde wakhombisa ukuthi amasiko angaba yingxenye ebalulekile yokuthuthukisa umnotho wendawo, njengoba imikhiqizo yabakhiqizi bakule ndawo ibithola indawo yokubonakala phambi komphakathi.IEnterprise iLembe iyisikhungo esithuthukisa umnotho esiphethwe uMasipala wesiFunda iLembe, kanti umsebenzi waso uhlanganisa ukukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho wendawo, ezohwebo kanye namathuba okutshalwa kwezimali. IzimboniLomcimbi uphinde wanikeza umphakathi ithuba lokweseka abakhiqizi bakule ndawo ngokuthenga imikhiqizo yabo, ngaleyo ndlela imali iqhubeke ijikeleza emnothweni wasekhaya.