Imakethe yabalimi ilethe ithemba kwabasafufusa

Izithombe kungenkathi kuqhubeka imakethe yabalimi ibibanjelwe eMandeni

ABALIMI abasafufusa eMandeni banikezwe ithuba lokufinyelela ezimakethe, njengoba uMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya KwaZulu-Natali ubambisene noMasipala waseMandeni nezinye izinhlaka ekuvuleni imakethe yabalimi bendawo.Le makethe ibibanjwe ehholo lomphakathi eSibusisiwe eMandeni mhla zingu-8 no-9 kuMandulo, lapho abalimi bethole khona ithuba lokukhombisa nokudayisa imikhiqizo yabo ngqo emphakathini.Phakathi kwemikhiqizo ebidayiswa kubalwa amaklabishi, isipinashi, ubhitrudi, ubhatata, amadumbe, amakhowe, uju, upelepele, izinkukhu, inyama yenkomo nezinhlanzi.Ukubandakanyeka koMnyango Wezolimo kule makethe kugqamisa enye yezinselelo ezinkulu ezibhekene nabalimi abasafufusa, okuwukuthola izimakethe ezizinzile abazokwazi ukudayisela kuzo umkhiqizo wabo.Ngokohlelo lwawo lweminyaka emihlanu, uMnyango uthi ukungafinyeleli ezimakethe ezinenzuzo kuseyisithiyo kubalimi abasafufusa ngenxa yezindleko zokuthutha, ingqalasizinda, ulwazi oluncane ngezimakethe kanye nokungakwazi kwabanye abalimi ukuhlinzeka ngemikhiqizo ngobuningi, izingabunjalo nangokuqhubekayo.Yingakho uMnyango usebenzisa izinhlelo ezifana neRadical Agrarian Socio-Economic Transformation (RASET), okuhloswe ngazo ukuvula amathuba ezomnotho kubalimi abake basala ngaphandle, ngokubaxhumanisa nezimakethe. Ngaphansi kweRASET, uMnyango awugcini ngokuhlinzeka abalimi ngosizo lokukhiqiza kuphela, kodwa ubasiza nangokwelulekwa, ukuqeqeshwa, imishini kanye nokubaxhumanisa nezimakethe.Muva nje, lolu hlelo luye lwabonakala eJozini lapho uMnyango usize khona abalimi ukuthola izimakethe zikabhontshisi, kwaze kwaba khona isivumelwano sokuhlinzeka izinkampani ngobuningi bomkhiqizo. Lesi sinyathelo besihlose ukusiza abalimi ukuthi bangagcini ngokukhiqiza kodwa bakwazi nokuthengisa umkhiqizo wabo ngendlela ezobangenisela imali.Kanti eNdwedwe, abalimi abasafufusa nabo baxhunywe nabathengi bezolimo ngaphansi kwemizamo yokwakha amathuba emakethe.Lokhu kukhombisa ukuthi imakethe yaseMandeni ingaphezu kokuba yindawo yokudayisa imifino nenyama kuphela, kodwa ingelinye lamathuba okuthi abalimi bendawo baqale ukwakha ubudlelwano nabathengi futhi bajwayele ukusebenza ngendlela egxile emakethe.UMnyango nawo ugcizelela ukubaluleka kokuthi abalimi abasafufusa bangene ezimakethe ezisemthethweni, njengoba ukwanda kwamathuba okuthengisa umkhiqizo kungasiza ekwandiseni imali engenayo kubalimi nasekuthuthukiseni umnotho wasemakhaya.Kule makethe yaseMandeni, abathengi bathole ithuba lokuthenga umkhiqizo okhiqizwe endaweni, kanti abalimi bathola indawo yokuwudayisa ngaphandle kokuncika kuphela kubathengi abaqhamuka ngasese.Uhlelo lwemakethe yabalimi oluqhutshwa ngokubambisana eMandeni luhlose ukuqhubeka njalo ngenyanga, okunganikeza abalimi indawo ehlala ikhona yokufinyelela kubathengi nokukhulisa amabhizinisi abo.