IMandeni Ihlinze Intsha Ngezincwadi Zokushayela Namakhono Ezokwakha
Intsha yaseMandeni ithole elinye ithuba lokuzakhela ikusasa, njengoba uMasipala waseMandeni ubambe umcimbi...
Intsha yaseMandeni ithole elinye ithuba lokuzakhela ikusasa, njengoba uMasipala waseMandeni ubambe umcimbi wokunikezela izincwadi zokushayela kanye nezitifiketi zokusebenza ngemishini yokwakha kubahlomuli bohlelo lwentsha.Lo mcimbi obubanjwe ngoLwesihlanu, 21 Agasti 2026, ubuhlonipha intsha engu-36 ephumelele ukuthola izincwadi zokushayela ngaphansi kohlelo lukaMasipala lokufundisa nokuhlomisa intsha ngamakhono okushayela.Kulo nyaka kuphinde kwaba nabanye abahlomule ngohlelo lweYellow Plant Operator, oluqeqesha abantu ukusebenzisa imishini efana ne-TLB kanye ne-forklift. Bangu-19 kwabangu-20 abaqeqeshiwe abaphumelele ukuthola izitifiketi ngaphansi kwalolu hlelo.Lezi zinhlelo zihlose ukuvala igebe lamakhono nokuhlomisa intsha ngamathuba angabasiza ukuthi bangene emhlabeni womsebenzi, ikakhulukazi emkhakheni wezokwakha lapho kudingeka khona abantu abanamakhono okushayela nokusebenzisa imishini.USekela Meya kaMasipala waseMandeni, uKhansela Bhekithemba Magwaza, uhalalisele bonke abahlomuli ngokuzimisela kwabo nokusebenzisa kahle ithuba abalitholile.“Siyaziqhenya kakhulu siwumkhandlu waseMandeni ngomsebenzi esiwenzayo ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha endaweni yakithi siyakwazi ukubathuthukisa ngezindlela ezahlukene. Siyabancoma nabo ukuthi bakwazile ukusebenzisa leli thuba ngendlela efanele,” kusho uMagwaza.Uqhube wathi izincwadi abazitholile zingabasiza ekuvuleni iminyango yamathuba abebonakala ingafinyeleleki.“I-license ingukhiye weminyango eyahlukene, naleyo obungazi ukuthi iyoke ivuleke. Siyethemba ukuthi lokhu esikwenzile kuzovula ikhasi elisha ezimpilweni zenu,” kusho yena.Uhlelo lukaMasipala luhambisana nemizamo yokuhlomisa intsha ngamakhono angabasiza ukuthi bazimele futhi babe ngabancintisanayo emhlabeni womsebenzi.Ngokuthola izincwadi zokushayela kanye namakhono okusebenzisa imishini yokwakha, abahlomuli banethuba lokufuna amathuba emisebenzi emikhakheni ehlukahlukene, okubalwa kuyo ezokwakha, ezokuthutha kanye nezinkampani ezisebenzisa imishini esindayo.UMasipala waseMandeni uthi usazibophezele ekuthuthukiseni umphakathi, ikakhulukazi intsha, abesifazane, osomabhizinisi kanye nemfundo, ngenhloso yokwandisa amathuba nokuthuthukisa izimpilo zezakhamuzi.Labo abafisa ukufaka izicelo ohlelweni lokufundela izincwadi zokushayela bazokwaziswa ngesikhathi uMasipala evula izicelo zohlelo olulandelayo.