IMBIZO YOKULWA NOBUGEBENGU EMANDENI
Isithombe: Kukhuzwe ukubhebhetheka kobugebengu eMandeni ngesikhathi kuneMbizo. Isithombe sithunyelwe
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uhole iMbizo yokulwa nobugebengu eMandeni kulandela ukubulawa kwabantu kanye nokukhathazeka okukhulayo ngokuphepha emphakathini.UNtuli uqale uhlelo eVusimuzi High School, lapho exoxe nabafundi, othisha nezinye izinhlaka ngesidingo sokuqinisa ukuphepha ezikoleni kulandela ukubulawa komfundi emagcekeni esikole.Ubuye wavakashela umndeni wakwaMakhoba eNembe ukuyoduduza kulandela ukubulawa kukaBonginkosi Makhoba (52) noThembani Ngiba (52). Izigameko zokubulawa kwabo zibe yingxenye yezinto eziphakamise ukukhathazeka ngokuphepha eMandeni.Umcimbi omkhulu weCrime Fighting Imbizo ube sehholo lomphakathi eSibusisiwe, lapho kuhlangene khona abahlali, abaholi bendabuko, izinhlaka zomphakathi, amaCommunity Policing Forums (CPFs), abomthetho nabanye ababambiqhaza.UNtuli ugcizelele ukuthi impi yobugebengu ayikwazi ukunqotshwa ngamaphoyisa kuphela, wathi ukubambisana phakathi kukahulumeni, abomthetho nomphakathi kubalulekile. Ucele izakhamizi ukuthi zibambe iqhaza ekubikeni ubugebengu nasezinhlakeni zokuphepha ukuze kwakhiwe imiphakathi ephephile.UMeya waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, ubonge uhulumeni wesifundazwe ngokusondela emphakathini ngesikhathi esinzima.“Siyabonga ukuthi noma kunzima kodwa uhulumeni wesifundazwe usondele kuthina. Siyathemba lokhu kuzokhumbuza abantu bakithi ukuthi sibe nokuzwana, ukubekezelelana nobumbano,” kusho uMdlalose.UMeya weSifunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, uthe ubugebengu budinga impendulo ehlangene, njengoba ukugetshengwa kwezindlu, udlame olubhekiswe kwabesifazane, ukushaya, ukubulala nokudlwengula kusalokhu kuyizinselelo esifundeni.Uthe iMbizo inikeze izakhamizi ithuba lokubeka izikhalo zazo phambi kukahulumeni nokubamba iqhaza ekutholeni izixazululo.