IMeya yaKwaDukuza ijabulela impumelelo yezokuvakasha ngamabhishi amahlanu athole ukuqashelwa ngeBlue Flag
Isithombe: Kube injabulo iKwaDukuza ithola ilungelo lokuphephezelisa amaflegi aBlue emabhishi. Izithombe zithunyelwe.
UMasipala waKwaDukuza uthole imvume yokuphakamisa amafulegi aBlue ezindaweni ezinhlanu zokubhukuda emabhishi awo, okuyimpumelelo ekhombisa ukuzibophezela kwalo masipala ekuthuthukiseni ezokuvakasha ngendlela esimeme. Ngokwesizini ka-2026/27, uMasipala waKwaDukuza uthole amafulegi amane eBlue Flag agcwele, kanti ibhishi laseTinley Manor Main linikezwe isikhundla sokuba yindawo yokuhlola, okusho ukuthi lisendleleni yokufeza izimfuneko ezidingekayo ukuze nalo lithole lesi simo esikhathini esizayo.Amabhishi athole amafulegi agcwele iSalt Rock Main Beach, iWillard Beach, iThompson Bay Beach kanye neClubMed-Tinley Manor.Le mpumelelo yamenyezelwa ngesikhathi seMiklomelo Kazwelonke yeBlue Flag neGreen Coast ehlelwe yiWildlife and Environment Society of South Africa (WESSA), ebibanjelwe eHermanus Grotto Beach, eWestern Cape, ngoLwesine, mhla ziyisi-8 kuMfumfu wezi-2026.IMeya yaKwaDukuza, uKhansela Siduduzo Gumede, yamukele le mpumelelo, yathi ikhombisa ukuthi umasipala uzimisele ngokukhulisa ezokuvakasha ngendlela evikela imvelo yasogwini nolwandle.UGumede uthe lokhu kuqashelwa kuwubufakazi bokuthi umasipala uyakwazi ukufeza izinhloso zawo, ukugcina izinga eliphezulu lezinsiza kanye nokuthuthukisa ezokuvakasha ngendlela eqinisekisa ukuthi imvelo iyalondolozwa ukuze izizukulwane ezizayo nazo zikwazi ukuyijabulela.Uthe umasipala ubeka eqhulwini ukunakekelwa kwamabhishi, ukuqinisekisa ukuphepha kwababhukudi kanye nokugcina izindawo zasogwini zihlanzekile, kuhambisana nezindlela ezamukelekile emhlabeni jikelele.IMeya iphinde yaveza ukuthi ukubekwa kweTinley Manor Main Beach esigabeni sokuhlolwa kukhombisa ukuthi umasipala usendleleni efanele yokwandisa inani lamabhishi ahlangabezana nezindinganiso zamazwe omhlaba.Ithe ukuvulwa kweClubMed-Tinley Manor Resort kanye neminye imiklamo yokuthuthukisa izindawo zasogwini kuqinisa umbono kamasipala wokwakha idolobha elisimeme ngo-2030.UGumede uthe iKwaDukuza iya ngokuya iba ngesinye sezikhungo ezibalulekile kwezokuvakasha nakwezomnotho esifundazweni saKwaZulu-Natal, kanti amabhishi anamaflagi aBlue aneqhaza elikhulu ekudonseleni izivakashi, abatshalizimali kanye namathuba emisebenzi oGwini oluseNyakatho.Uphinde wathi umasipala ulindele ukwanda kwezivakashi emabhishi awo kusukela manje kuze kube maphakathi noMasingana wezi-2027, njengoba abantu bezobe bejabulela amaholidi abo.Uthe izivakashi zingalindela ukuphepha, ukuhlanzeka kanye nezinga eliphezulu lezinsiza, ngenxa yokuthi umasipala uzibophezele ekulandeleni izindlela ezinomthwalo wemfanelo zokuphatha ezokuvakasha.UMasipala waKwaDukuza ubungomunye womasipala abayi-12 eNingizimu Afrika abathole lokhu kuqashelwa. KwaZulu-Natal, uKwaDukuza, uMasipala waseMdoni kanye noMasipala waseRay Nkonyeni yibona kuphela abathole lokhu kuqashelwa kule sizini.Ngesizini ka-2025/26, uKwaDukuza nawo wawuthole amafulegi amane eBlue Flag agcwele.IBlue Flag wuphawu lokuqashelwa kwamazwe omhlaba olunikezwa izindawo zasogwini ezihlangabezana nezindinganiso eziphakeme mayelana nokuphepha kwamabhishi, ukufinyeleleka kwawo, izinga lamanzi, ukufundiswa komphakathi ngokuvikelwa kwemvelo kanye nokuthuthukiswa kwezokuvakasha ngendlela esimeme.Lolu phawu selusetshenziswa ezindaweni ezingaba ngu-4 500 emazweni angaphezu kwama-45 emhlabeni jikelele, kanti lubalwa phakathi kwezimpawu ezihlonishwa kakhulu emkhakheni wezokuvakasha zasogwini.Kulo nyaka, lolu hlelo belugubha iminyaka eyikhulu, njengoba iNingizimu Afrika iqhubeka nokugubha iminyaka engama-25 yokunakekelwa nokuvikelwa kwezindawo zayo zasogwini. Kulo nyaka kuqashelwe izindawo ezingama-62 ezithole iBlue Flag kanye nezingu-19 ezithole iGreen Coast.Impumelelo yaKwaDukuza ibeka obala ukubaluleka kokuvikelwa kwemvelo, ukugcinwa kwamabhishi esesimweni esihle kanye nokuthuthukiswa kwezokuvakasha okuletha izinzuzo emiphakathini yasendaweni.