Intsha YaseMandeni Ihlonyiswa Ngamakhono

Intsha ethole ithuba eliyingqayizivele lokuqeqeshelwa amakhono.

KUQALWE ngokusemthethweni ukuqeqeshwa kwentsha engama-70 ngaphansi kohlelo lwe-National Youth Service (NYS) loHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi Olwandisiwe (EPWP), ezosebenza kuphrojekthi yokwakhiwa kwesakhiwo senkantolo yemantshi eMandeni.Kule ntsha, abayishumi bazoqeqeshelwa ukufaka amapayipi amanzi, abangu-30 bafunde umsebenzi wokubopha insimbi, kuthi abanye abangu-30 baqeqeshelwe umsebenzi wokwakha nokufaka amafreyimu okhuni.Uhlelo lwe-NYS luhlose ukuvulela intsha amathuba okuqeqeshwa nokuthola ulwazi olusebenzayo emikhakheni eyahlukene, ikakhulukazi emkhakheni wezokwakha. UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi uchaza lolu hlelo njengendlela yokuhlomisa intsha ngamakhono omsebenzi ngesikhathi ibamba iqhaza kumaphrojekthi okusiza imiphakathi.Ngaphansi kohlelo, ukuqeqeshwa kuhlanganisa ukufundiswa kwamakhono kanye nolwazi olusebenzayo emsebenzini, okwenza intsha ikwazi ukuthola ulwazi olungabasiza uma isifuna amathuba emisebenzi noma ukuzisebenzela.Ukuqeqeshwa kwamakhono afana nokufaka amapayipi, ukubopha insimbi kanye nokusebenza ngokhuni kubalulekile emkhakheni wezokwakha, lapho kudingeka khona abasebenzi abanamakhono ahlukahlukene.Lolu hlelo luphinde luhambisane nenhloso ye-NYS yokubhekana nokuntuleka kwamakhono emkhakheni wezokwakha, ngesikhathi luvulela intsha amathuba okuthola ulwazi oludingekayo ukuze ikwazi ukungena emhlabeni womsebenzi.Intsha eqeqeshwayo kulindeleke ukuthi ithole ulwazi oluzoyisiza ekuthuthukiseni amathuba ayo emisebenzi, ngesikhathi ibamba iqhaza kuphrojekthi yokwakhiwa kwenkantolo yemantshi eMandeni.