IZIMBALI ZESIZWE ZIQHAKAZISE EMASHOBENI EMKHOSINI WOMHLANGA

Isithombe: Izintombi beziphume ngobuningi bazo ukuzobungaza umkhosi wlonyaka. Izithombe zithunyelwe.

IZINKULUNGWANE zezintombi zigcwele eMashobeni Royal Palace, oPhongolo, njengoba bekubanjwe uMkhosi woMhlanga ngempelasonto, kuhlangene izintombi ezivela ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natal nakwezinye izindawo. Lo mkhosi waminyaka yonke uqhakambisa amasiko esiZulu, ukuhlonipha ubuntombi, isithunzi sowesifazane kanye nokuzigqaja ngobuzwe.Izintombi zethule imihlanga kungangezwe lakhe, Isilo Samabandla uMisuZulu kaZwelithini, obekhona kulo mcimbi ehambisana noNdlunkulu ukaMawewe noNdlunkulu uMulela. Lo mkhosi uphinde ube yinkundla yokufundisa izintombi ngamasiko, ukuzihlonipha nokubaluleka kokuzigcina ziphephile njengoba zikhula.UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe umcimbi ubalulekile ekufundiseni izintombi ukuthi zizihloniphe futhi zivikele ikusasa lazo. Uthe enye yezinhloso wukugqugquzela izintombi ukuba zigweme ukukhulelwa zisencane futhi zizivikele ezifweni ezithathelwana ngocansi, okubalwa kuzo i-HIV nengculazi.“Ufunda isiko lokuhlonipha, uhloniphe umzimba wakho futhi uhloniphe nekusasa lakho,” kusho uNtuli. Uthe uMkhosi woMhlanga awugcini ngokugcina amasiko, kodwa uphinde ube neqhaza ekuhlanganiseni abantu. Lo mkhosi ungomunye wemicimbi emikhulu yamasiko esiZulu, uhlanganisa ubukhosi, izikhulu zikahulumeni, izintombi kanye nezinkulungwane zababukeli.