Kubungazwa Abesifazane Abazibambela Mathuba

UNksz Yamkelwa Ndabeni, umsunguli we-Iyamzo Fresh Fashion, kanye noNksz Slo Lorraine Bennie, ophethe ibhizinisi lokubhaka elaziwa ngeSlozKitchen. Izithombe z...

NJENGOBA inyanga kaNcwaba yaziwa njengeNyanga Yabesifazane, kugqanyiswa abesifazane banamuhla abasebenzisa amakhono abo ukuzakhela amathuba okuziphilisa, bakhe amabhizinisi futhi babe negalelo ekuthuthukiseni imiphakathi yabo.KwaDukuza baningi abesifazane abasebenza ngokuzikhandla ukuze bakhulise amabhizinisi abo. Phakathi kwabo kukhona uNksz Yamkelwa Ndabeni, umsunguli we-Iyamzo Fresh Fashion, kanye noNksz Slo Lorraine Bennie, umsunguli weSlozKitchen.Indaba kaNdabeni iyisibonelo sokuthi iphupho eliqala umuntu esemncane lingakhula libe yibhizinisi eliphumelelayo. Uthando lwakhe lokuklama nokuthunga lwaqala esemncane, waqhubeka nokuthuthukisa amakhono akhe waze waqeqeshwa eNingi Academy of Fashion Design eKwaDukuza.Ngo-2018, uNdabeni wayesebenzela efulethini elincane eStanger Heights, esebenzisa itafula elincane njengendawo yokusebenza nomshini wokuthunga. Naphezu kwezimo ezazingelula, wayesekwazi ukuklama nokuthunga izingubo zemishado, ezemicimbi esemthethweni, ezasehlobo, ezasebusika kanye nezesintu.Uhambo lwakhe lwalunezinselelo, okubalwa kuzo ukuthola amakhasimende kanye nokungakwazi ukukhokhela indawo yebhizinisi enkabeni yeKwaDukuza. Nokho, uthando lomsebenzi, ukubekezela nokwethenjwa ngamakhasimende kwamenza waqhubeka nokwakha ibhizinisi lakhe.UNdabeni waphinde wathola ithuba lokuthuthukisa ulwazi lwakhe kwezamabhizinisi ngaphansi kwezinhlelo ze-Ithala, lapho afunda khona ngokuphathwa kwezimali, ukonga, ukwakha igama lebhizinisi kanye nokuxhumana nabanye osomabhizinisi.Ngo-2014, waba ngomunye wabaphumelele emqhudelwaneni wosomabhizinisi owawuhlelwe yi-iLembe Chamber of Commerce, kwathi kamuva waba yingxenye yohlelo lwe-Ithala i-Imbokodo Iyazenzela, olwaluhlose ukuthuthukisa amabhizinisi amancane aphethwe ngabesifazane.Namuhla, i-Iyamzo Fresh Fashion yenza izingubo zabesifazane, abesilisa nezingane, okubalwa kuzo ezesintu, ezokugqoka nje, ezemicimbi, izingubo zokubhukuda kanye nezingubo ezenziwa ngoku-oda. Leli bhizinisi liphinde lenze izikhwama, okwenza uNdabeni akwazi ukuhlanganisa ubuciko nokuthunga nezidingo zamakhasimende.Kanti eNtshawini, KwaMabambo, uNksz Slo Lorraine Bennie usebenzisa uthando lwakhe lokubhaka ukuzakhela amathuba.UBennie ungumsunguli weSlozKitchen, okuyibhizinisi lokubhaka elisebenza ekhaya elenza amakhekhe nezinye izibiliboco. Amakhekhe enzelwa imicimbi efana nemishado, izinsuku zokuzalwa nemigubho yokwamukela izingane, kanti kwenziwa namanye amaswidi okubalwa kuwo ama-cupcake, amakhekhe amancane, ama-scone nama-muffin.Okubalulekile ngohambo lukaBennie ukuthi akabheki ukubhaka njengendlela yokwenza imali kuphela, kodwa ukubona njengolwazi olungadluliselwa kwabanye.ISlozKitchen inikeza izifundo zokubhaka umuntu ngamunye, ikakhulukazi ezihlose ukuhlomisa abesifazane nentsha ngamakhono abangawasebenzisa ukuzakhela amathuba okuziphilisa. Ngale ndlela, ikhishi lakhe seliphenduke indawo yokufundisa nokudlulisa ulwazi, hhayi nje indawo yokwenza amakhekhe.Leli bhizinisi liphinde liphekele imicimbi emincane kuya kweyaphakathi, lenze nezinto zokuhlobisa amakhekhe.Izindaba zikaNdabeni noBennie zifundisa ukuthi amakhono abesifazane akufanele agcine ngokuba amathalente, kodwa angaguqulwa abe ngamabhizinisi akha amathuba futhi athuthukise imiphakathi.Nokho, ukwakha ibhizinisi akuwona umsebenzi olula. Osomabhizinisi besifazane babhekana nezinselelo ezifana nokuthola imali yokuqala, ukuthola amakhasimende, izindleko zokusebenza kanye nokuphathwa kwebhizinisi. Ukuphikelela nokuzimisela kwenza abanye bakwazi ukunqoba lezi zingqinamba.Yingakho iNyanga Yabesifazane ingafanele igcine ngokubahalalisela kuphela. Ukuthenga emabhizinisini aphethwe ngabesifazane, ukuwasabalalisa ngezwi, ukuwanikeza amathuba nokuwasebenzisa kuyindlela yokuweseka nokuwakhulisa.