Kubuye isithunzi bethola amakhaya amasha EKennedy Road

Injabulo yodwa bethola izindlu eKennedy Road.

UKUNIKEZELWA kwezindlu kubahlali baseKennedy Road ngesikhathi seNyanga yaBesifazane kuphinde kwavuselela ithemba emindenini ebisihlale iminyaka ibhekene nezikhukhula, imililo nokungabi nendawo yokuhlala efanele.UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Thembi Simelane, ehambisana noMqondisi Omkhulu we-UN-Habitat, uNkk Anacláudia Rossbach, uNgqongqoshe waKwaZulu-Natal wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Siboniso Duma, kanye neMeya ePhethe uMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, unikezele ngezindlu eziqediwe eBarton Place, okuyiSigaba sesibili seKennedy Road Housing Project, mhla ziyi-13 kuNcwaba 2026.UKennedy Road ingenye yezindawo zokuhlala ezingekho emthethweni ezinkulu neziminyene kakhulu eThekwini, enezindlu cishe ezingu-3 000. Uhulumeni uhlose ukuguqula izimo zokuhlala zabantu ngokubasusa ezindaweni eziyingozi ababayise ezindlini eziphephile nezinesithunzi.ISigaba sesibili eBarton Place sihlelelwe ukwakha izindlu ezingu-198. Kulezi, ezingu-117 seziqediwe zanikezelwa kubahlomuli, kanti ezingu-81 zisakhiwa. Lo msebenzi uyingxenye yephrojekthi enezigaba ezintathu, kanti isigaba sokuqala eDodoma Avenue sinezindlu ezingu-45, kuthi isigaba sesithathu sihlose ukwakha izindawo ezingu-225 ngaphakathi kwaseKennedy Road.Indaba ethinte izinhliziyo abaningi kube ngekaGogo oneminyaka engu-92 ubudala, naye othole ikhaya elisha. Uthe le ndlu izomnikeza ukuthula abengakutholi ngesikhathi esahlala emijondolo.“Namuhla ebusuku ngizolala ngokuthula ngaphandle kokukhathazeka ngemililo noma izikhukhula. Yindlu ephelele futhi ngibonga kakhulu lokho uhulumeni angenzele khona, ikakhulukazi njengoba sengineminyaka engaka.”Ukuthola kwalogogo ikhaya kugqame kakhulu ngesikhathi seNyanga yaBesifazane, kwagcizelela ukubaluleka kokuthi abesifazane, ikakhulukazi asebekhulile, babe nezindlu eziphephile nezizinzile.UMeya Xaba ube yingxenye yokunikezelwa kwalezi zindlu, kanti iTheku seligcizelele ezinhlelweni zalo zokuthuthukisa izindlu ukuthi ukuhlinzeka ngezindlu ezihlala njalo kuyingxenye yemizamo yokubuyisa isithunzi kubahlali. Ezinye izinhlelo zeMeya zigxile ekusheshiseni ukulethwa kwezindlu nokwakha imiphakathi eqinile.