KUCIJISWE ABEZIKHUNGO ZABANTWANA EMANDENI

Isithombe: Bekuhlangene abanikazi nabasebenzi bezikhungo zezingane ukuthola ithuba lokufunda ngezidingo zomkhakha. Isithombe sithunyelwe.

IZIKHUNGO zokuthuthukisa izingane zisencane eMandeni zihambele umcimbi wokucobelelana ngolwazi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zisebenza ngokusemthethweni futhi zihlinzeka izingane ngendawo ephephile nefanele ukukhula.UMasipala waseMandeni, ngaphansi komnyango wezinhlelo ezikhethekile kanye nomnyango wezomtapo wolwazi, usingathe i-Early Childhood Development (ECD) Indaba ngomhlaka-9 Septhemba, lapho abanikazi nabasebenzi bezikhungo bethole khona ithuba lokufunda ngezidingo zomkhakha.Lolu hlelo lube nentshisekelo enkulu ekubhalisweni kwezikhungo, ukulandela imigomo yezempilo nokuphepha kanye nokuqinisekisa ukuthi abasebenza nezingane banamakhono afanele.Ngokomthetho, izikhungo ezinakekela izingane kufanele zibhaliswe futhi zilandele izindinganiso ezibekiwe. Uhulumeni uthi umuntu ofuna ukubhalisa isikhungo kufanele axhumane nehhovisi loMnyango wezeMfundo Eyisisekelo eliseduze nesikhungo, kanti izidingo zendawo nezempilo kumele zixoxwe noMasipala.Inqubo yokubhalisa idinga imininingwane yesikhungo, inani lezingane, iziqu namakhono abasebenzi, uhlelo lwebhizinisi kanye neminye imibhalo edingekayo. Ukubhalisa ngokomthetho kumahhala.Uhulumeni usethule nohlelo i-Bana Pele ECD Registration Drive, oluhlose ukwenza ukubhaliswa kube lula. Lolu hlelo lunezigaba ezintathu okubalwa ukufaka isicelo, ukulungisa nokuhlangabezana nezidingo, bese kuqedwa inqubo ngokuthola isitifiketi esifanele.Kulo mcimbi, izikhungo zemfundo ephakeme ezihlinzeka ngezifundo ze-ECD nazo zichaze ngamathuba emfundo, kanti izinhlaka zikahulumeni zicacise ngemithetho okufanele ilandelwe.Lolu hlelo lubalulekile njengoba i-ECD ibeka isisekelo sokukhula komntwana ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokwenhlalo.