Kufukulwa intsha ngomsebenzi wokufuya izinkukhu

Isithombe: Kuhlomula osomabhizinisi abasafufusa ngohlelo lweEnteprise Ilembe. Isithombe sithunyelwe.

Inhlangano i-Enterprise iLembe iyaqhubeka nokweseka osomabhizinisi abasafufusa, ikakhulukazi intsha, ngenhloso yokukhulisa umnotho wasemakhaya nowasemalokishini esifundeni iLembe. Lokhu kuvele ngesikhathi le nhlangano isabela esicelweni senkampani iGakanye Trading (Pty) Ltd, ephethwe yintsha futhi egxile ekufuyeni izinkukhu zenyama, eChibini, kuWadi 5, ngaphansi kukaNkosi Ngcobo kaMlamuli, kuMasipala waseNdwedwe.Lo msebenzi wokufuya izinkukhu uyingxenye yemizamo yokuthuthukisa umnotho wasemakhaya nasemalokishini ngokweseka abantu bendawo abasungula amabhizinisi, bawakhulise futhi bakwazi ukuwenza aqhubeke esebenza.Usihlalo webhodi le-Enterprise iLembe, uMnuz Nkosenhle Mngadi, ugcizelele ukubaluleka kokuthuthukisa umnotho wasemakhaya nasemalokishini, kuvulwe namathuba entsheni, kwabesifazane nakubantu abaphila nokukhubazeka.Uthe ukweseka osomabhizinisi bendawo kusiza ekwenzeni imiphakathi ikwazi ukuzimela ngokwezomnotho, kuphinde kudaleke namathuba okuziphilisa eduze nezindawo abantu abahlala kuzo.Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uMnuz Siyabonga Mazibuko, sona sigcizelele ukubaluleka kokweseka amabhizinisi endawo emkhakheni wokutholakala kokudla nokuthuthukiswa kwamabhizinisi.Uthe ukufuywa kwezinkukhu akugcini ngokukhiqiza ukudla kuphela, kodwa kungavula namathuba kwamanye amabhizinisi ahlinzeka ngezidingo, abalimi, abathutha izimpahla, abathengisi kanye nabanye ababambe iqhaza ochungechungeni lokukhiqizwa nokudayiswa kokudla.Lokhu kusho ukuthi umsebenzi owodwa wokufuya izinkukhu ungaba nomthelela ekuthuthukiseni amanye amabhizinisi, udale amathuba omsebenzi futhi usize ekukhuliseni umnotho wendawo.I-Enterprise iLembe ithi izoqhubeka nokweseka osomabhizinisi abasafufusa namabhizinisi amancane, amancane kakhulu naphakathi nendawo, ngokubaxhumanisa namathuba angabasiza ukuba bathuthuke.Le nhlangano ithi ukwesekwa kwamabhizinisi endawo kubalulekile ekwakheni umnotho obandakanya wonke umuntu, lapho intsha nabanye abantu emiphakathini bekwazi ukusebenzisa amakhono abo ukuze bazakhele ikusasa elingcono.