Kugqame ukuzimisela kwabagijimi abakhubazekile emjahweni wamagugu
Abagijimi abakhubazekile bakhombise ukuzimisela namakhono abo emjahweni iHeritage Disability Marathon
Abagijimi abakhubazekile bakhombise ukuzimisela namakhono abo emjahweni iHeritage Disability Marathon obuhlanganise umphakathi eMgungundlovu, lapho abebehamba ngezihlalo ezinamasondo bethathe khona uhambo olusuka eCity Hall luya e-Edendale Mall. Lo mqhudelwano waminyaka yonke uhlelwe yiKZN Wheels and Runners ngokwesekwa uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, ngenhloso yokuvulela abantu abakhubazekile amathuba okuzibandakanya kwezemidlalo nokukhombisa amakhono abo.Balinganiselwa ku-100 abagijimi abasebenzisa izihlalo ezinamasondo ababambe iqhaza kulo mjaho, okugcizelele ukubaluleka kokwakha umphakathi obandakanya wonke umuntu, kungakhathalekile ukukhubazeka komuntu.Lo mjaho awugcini ngokuba umqhudelwano wezemidlalo kuphela, kodwa uphinde ube yithuba lokuqwashisa ngomthamo namakhono abantu abakhubazekile, kanye nokulwa nemibono ebandlululayo engabavimba ekuzibandakanyeni emisebenzini yomphakathi.