Kugujwe usuku lwemithi yendabuko

Isithombe: Kubungazwe usuku lwemithi yesuntu nabalaphi bendabuko. Isithombe sithunyelwe.

INdwedwe ibe yisizinda sokugubha uSuku Lwemithi Yesintu Yase-Afrika lwango-2026, lapho kubhekwe khona ukubaluleka kwabalaphii bendabuko ekunakekeleni impilo yemiphakathi.Umcimbi obusehholo lomphakathi eJohnny Makhathini ubuhlelwe uMasipala weSifunda iLembe ngokubambisana noMnyango wezeMpilo, oMasipala bendawo kanye nabelaphi bendabuko besifunda.Lolu suku lugujwa minyaka yonke mhla zingama-31 kuNcwaba ngenhloso yokuhlonipha nokugqamisa indima yemithi yesintu kanye nabelaphi bendabuko ekuthuthukiseni impilo.IMeya yesiFunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, ithe kubalulekile ukulondoloza amasiko nolwazi lwesintu, njengoba abelaphi bendabuko besaqhubeka nokuba yingxenye ebalulekile yokunakekelwa kwezempilo emiphakathini.Umcimbi uphinde waba yithuba lokwethulwa kohlelo lokuqeqesha abelaphi bendabuko ukuze bakwazi ukubona izimpawu zezifo ezahlukene, bazi ukuthi isiguli sidinga ukuthunyelwa nini esikhungweni sezempilo, futhi balandele imigomo yezempilo.Lolu hlelo luzosiza nokwakha uhlu lwabelaphi bendabuko abasebenza esifundeni iLembe, okuzokwenza kube lula ukuthi uHulumeni nabanye ababambiqhaza basebenze nabo ekuthuthukiseni ukuphepha kweziguli nokuhlinzekwa kwezinsizakalo ezisezingeni.Abamele i-Ezemvelo KZN Wildlife nabo bagcizelele isidingo sokuthi izitshalo nezinsiza ezisetshenziswa emithini yesintu zitholakale ngendlela esimeme, ukuze kuvikelwe imvelo nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo.Umcimbi ugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi kwabelaphi bendabuko nohlelo lwezempilo olusemthethweni ekwakheni imiphakathi enempilo nephephile.