Kuhlungwe Abayomela IMandeni Kwezemidlalo Yabaphila Nokukhubazeka

Ababambe iqhaza emidlalweni yokuhlunga abazomela uMasipala waseMandeni ezingeni lesifunda. Isithombe sithunyelwe.

UMASIPALA waseMandeni usingathe imidlalo yokuhlunga abazoba yingxenye yesikwati esizowumela emidlalweni yabaphila nokukhubazeka ezingeni lesifunda.Le midlalo, ebibanjwe ngoLwesibili, 25 Agasti, ihlose ukuvundulula nokukhetha abasubathi abanamakhono abaphila nokukhubazeka abazothola ithuba lokumela iMandeni emidlalweni yesigabeni esilandelayo.IMidlalo yabaphila nokukhubazeka idlala indima ekuthuthukiseni amathalente, ukukhuthaza ukubamba iqhaza kwezemidlalo nokwakha amathuba okuthi bakwazi ukuqhubekela emiqhudelwaneni ephakeme.UMasipala waseMandeni uthi ukuthuthukiswa kwezemidlalo kubalulekile ekukhuthazeni impilo, ubumbano kanye nokubandakanywa kwawo wonke amalungu omphakathi.Le midlalo iphinde inikeze abantu abaphila nokukhubazeka ithuba lokuziveza nokusebenzisa amakhono abo, ngesikhathi bephula imibono yokuthi ukukhubazeka kufanele kube yisithiyo ekubambeni iqhaza kwezemidlalo.Abazophumelela kulokhu kuhlungwa bazomela iMandeni emidlalweni yesifunda, lapho bezothola khona elinye ithuba lokukhombisa amakhono abo nokuncintisana nabanye ozakwabo. Le midlalo ikhombisa ukuthi ithalente alikhethi, kanti abantu abaphila nokukhubazeka nabo banendawo ebalulekile kwezemidlalo.