KUKHUTHAZWA IMPILO ENHLE KUBASEBENZI NGEZEMIDLALO
Abasebenzi bakwaMasipala wakwaMaphumulo kanye neminyango kahulumeni bahlanganyele kwezemidlalo ngenhloso yokukhuthaza ukuba nempilo ezindaweni zokusebenza.
Lomcimbi we-Work and Play ubuseSabuyazi Sports Ground, lapho abasebenzi bebencintisana khona ebholeni lezinyawo kanye nelomnqakiswano.Le midlalo ibihlelwe ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ezoBuciko namaSiko (DSAC) esifundeni iLembe, ngenhloso yokukhuthaza abasebenzi ukuba bazivocavoce njalo futhi bagcine imizimba isesimweni esihle.Imidlalo yezindawo zokusebenza ibhekwa njengendlela ebalulekile yokwakha ubudlelwano phakathi kwabasebenzi, ukunciphisa ingcindezi yasemsebenzini nokukhuthaza indlela yokuphila enempilo.Abahleli bathi imidlalo efana nalena iphinde inike abasebenzi ithuba lokusebenzisana ngaphandle kwezimo ezijwayelekile zasehhovisi, kwakheke ubunye nokusebenzisana phakathi kweminyango eyahlukene.