KUKHUZWE ISIHLAVA SODLAME OLUBHEKISWE KWABESIFAZANE EMKHOSINI WELEMBE
Isithombe: Bebephume ngobuningi abantu ukuzogubha usuku lamagugu nokuhlonipha Isilo esesakhothama uShaka kaSenzangakhona eMlaza. Izithombe zithunyelwe.
UMKHOSI weLembe obubanjelwe eKing Zwelithini Stadium eMlaza uthathe elinye igxathu ngesikhathi izikhulumi zawo ziphendula umcimbi wokuhlonipha iLembe, iNkosi uShaka kaSenzangakhona, inkundla yokubiza amadoda ukuba ame ekhaleni lokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Lomkhosi oqale ekuseni KwaDukuza lapho kubekwe khona izimbali ethuneni leNkosi uShaka, ngaphambi kokuba iSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, amakhosi, amabutho, izinduna, izinyosi, abaholi bakahulumeni kanye nezinkumbi zomphakathi badlulele eMlaza.Kule nkundla, udaba lokubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane lube ngolunye lwezinto ezigqame kakhulu, iSilo sazibophezela ekulweni nalo.“Bomama, mina ngikhona, ngizonivikela. Madoda, kanti nikhonelani?” kusho iSilo uMisuzulu.Sithe sifuna ukuqeda lesi sihlava, sanxusa amadoda ukuba angagcini ngokubuka kodwa abambe iqhaza ekuvikeleni abesifazane nezingane. Siphinde sathi sizohlela noMkhosi woMhlanga wabesilisa ngenhloso yokucija amadoda ngalolu daba. ISilo sithe sizimisele ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane futhi sacela amadoda ukuba abavikele.Umholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, naye ukhale ngokuthi abesilisa sebephenduke abasongela labo okufanele ngabe bayabavikela.“Kukhona isihlava esifikile sokubulawa kwabesifazane nezingane, abantu abangakwazi ukuzivikela. Kufanele ngabe siyabavikela, kodwa yithi esibabulalayo. Asibuyelwe onembeza,” kusho iNkosi Shembe.UNdunankulu uNtuli naye ucele iSilo ukuthi sisebenzise ubuholi baso ukuhola impi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, wathi lolu daba seludinga ukungenelela kobuholi bendabuko.“Sicela uyiphake impi yakho, Silo, ngoba uma ungayiphaki kuzokonakala. Ezweni lakho, Silo, kugobhoza igazi. Asekhona amadoda aqotho. Sicela enkulumweni yakho uyiphake impi. Ichilo leli elenzekayo,” kusho uNtuli.UMeya weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ubonge uhulumeni wesifundazwe neNdlunkulu ngokuthemba iTheku ukuthi lisingathe lo mcimbi, naye wanxusa umphakathi ukuba ulwisane nokubulalana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.Naphezu kokugxila kwalolu suku kule nkinga, umkhosi uqhubeke nokufeza injongo yawo yokukhumbula ifa likaShaka nokuhlanganisa abantu ngamasiko. INkundla iKing Zwelithini igcwale abantu abebefike bezobungaza umlando namagugu abo, kanti uMkhosi weLembe uqhubeke waba yindawo lapho amasiko, umlando nobuholi bendabuko kuhlangene khona.Lo nyaka uphinde waba ngomunye obalulekile ngoba uMkhosi weLembe uqondane noSuku Lamagugu, umcimbi waminyaka yonke wokuhlonipha iNkosi uShaka, owashona mhla zingama-24 kuSepthemba 1828. UHulumeni waKwaZulu-Natal uthe lo mcimbi unendima ekugcineni umlando, amasiko namagugu ephila nokuwadlulisela entsheni.