Kuqwashiswa izakhamuzi zaseThekwini ngokuvikela imililo emijondolo
Isithombe: Kube nomkhankaso wokuqwashisa ngomlilo ezakhiweni zasemijondolo eThekwini. Izithombe zithunyelwe.
Izakhamuzi ezihlala emijondolo nasezindaweni ezisengozini yokuhlaselwa yimililo eThekwini nasezindaweni ezakhele leli dolobha ziqwashisiwe ngezindlela zokuvikela imililo, kulandela ukukhathazeka ngezingozi ezibeka izimpilo zabantu nemizi yabo engcupheni. Lo mkhankaso, oholwa ngabasebenzi bezicishamlilo nabokulawulwa kwezinhlekelele kuMasipala weTheku, uhlose ukufundisa umphakathi ngezimbangela zemililo, izindlela zokuyinqanda kanye nezinyathelo okufanele zithathwe uma kuqubuka umlilo.Lo mkhankaso uqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi #ChargeSafe, ugxile kakhulu ezindaweni zemijondolo, lapho ukusondelana kwemijondolo, ukusetshenziswa kwezinto ezivutha kalula kanye nokushoda kwezindawo ezivulekile zokungena kwezimoto zezicishamlilo kungadala ukuba umlilo usabalale ngokushesha.Ngesikhathi bevakashele imiphakathi eyahlukene, abasebenzi bakwa-Fire nakwa-Disaster bafundise izakhamuzi ngezingozi zokushaja izinto zikagesi zingaphephile, okubalwa kuzo omakhalekhukhwini, amathoshi ashajwayo, ama-earphone, ama-vape nezinye izinto ezisebenzisa amabhethri ashajekayo.Kuthiwa ukushaja lezi zinto ngendlela engaphephile, ikakhulukazi uma kusetshenziswa amashaja angagunyaziwe noma alimele, kungadala ukushisa ngokweqile, konakalise amabhethri kuze kuqubuke umlilo.Izakhamuzi zikhuthazwe ukuba zingashiyi izinto ezishajwayo zinganakiwe isikhathi eside, ikakhulukazi ebusuku lapho zilele. Kufanele futhi zigweme ukuzishaja ngaphansi kwemicamelo, ezingubeni noma eduze kwezinto ezivutha kalula, njengoba lezi zimo zingabamba ukushisa futhi zandise ingozi yomlilo.Kubalulekile nokusebenzisa amashaja ahambisana nezinto ezishajwayo, kugwenywe izintambo eziphukile, amapulaki axegayo nokuxhuma izinto eziningi esokhethini elilodwa. Uma ibhethri livuvukala, lishisa ngokungajwayelekile noma likhipha iphunga elingajwayelekile, akufanele kuqhutshekwe nokulisebenzisa noma ukulishaja.Abasebenzi baphinde baqwashisa umphakathi ngemiphumela ye-El Niño, ehlotshaniswa nokushisa okukhulu, ukushoda kwemvula nesomiso kwezinye izindawo. Lezi zimo zingomisa utshani nezihlahla, kwenze kube lula ukuthi umlilo uqale futhi usabalale ngokushesha.Izakhamuzi zikhuthazwe ukuba zingashisi udoti noma utshani eduze kwemijondolo, zingalahli izinqamu zikagwayi ezingacimile futhi zingashiyi amakhandlela noma izitofu ezivuthayo zinganakiwe. Ukupheka kufanele kwenziwe endaweni ephephile, kude nezingubo, amaphepha, upulasitiki nezinye izinto ezikwazi ukubamba umlilo kalula.Kubalulekile futhi ukuthi izakhamuzi zingasebenzisi amakhandlela noma izitofu ezivuthayo eduze kwezinto ezivutha kalula, ikakhulukazi uma izingane zikhona. Izinto zokupheka kufanele zicishwe ngokuphelele uma zingasasetshenziswa, kanti uphethiloli nopharafini kufanele kugcinwe ezitsheni ezifanele, kude nomlilo nezingane.Ezimweni lapho umlilo uqubuka khona, umphakathi ukhuthazwa ukuba ungazami ukulwa nomlilo omkhulu ngaphandle kolwazi nemishini efanele. Kufanele kuphunywe ngokushesha, kuxwayiswe nabanye abahlali bese kubizwa abezicishamlilo. Akufanele abantu babuyele emjondolo ovuthayo beyolanda izimpahla, njengoba ukuphila kubaluleke kakhulu kunezinto ezibonakalayo.Uma umlilo uqala entweni esebenza ngogesi, akufanele kuthelwe amanzi kuyo ngoba lokho kungadala ukushaqeka kukagesi. Uma kuphephile ukwenza kanjalo, ugesi ungacishwa emthonjeni wawo, kodwa abantu kufanele basuke endaweni esengozini bese belinda usizo lochwepheshe.Ukuze kuncishiswe umonakalo odalwa yimililo emijondolo, imiphakathi iphinde yagqugquzelwa ukuba igcine izindlela zokuhamba zivulekile ukuze izicishamlilo zikwazi ukufinyelela ezindaweni ezinomlilo. Izakhamuzi kufanele futhi zibe nezinhlelo zokuphuma ezindaweni zazo uma kuqubuka umlilo, zazi lapho zingahlangana khona ngemva kokuphuma futhi zisize izingane, abantu abadala nabantu abakhubazekile ukuba bafinyelele endaweni ephephile.Lo mkhankaso uqhubeka ngenhloso yokwakha imiphakathi enolwazi ngezingozi zemililo, ekwazi ukuzilungiselela izinhlekelele nokuthatha izinyathelo zokuvikela izimpilo zabantu nempahla yabo.Umlilo ungabhebhetheka ngemizuzwana, ikakhulukazi ezindaweni lapho imijondolo isondelene khona. Yingakho ukuqapha, ukusebenzisa izinto zikagesi ngendlela ephephile nokubambisana komphakathi kuyizinyathelo ezibalulekile ekunqandeni izinhlekelele ezingagwemeka.