KUTHUTHUKISWA OSOMABHIZINISI UKUKHUPHULA UMNOTHO WENDAWO

Isithombe: Kucotshelelwe osomabhizinisi ngolwazi lokuthuthukisa amabhizinisi abo. Isithombe sithunyelwe.

OSOMABHIZINISI baKwaMaphumulo bathole ithuba lokucobelelana ngolwazi ngezindlela zokukhulisa amabhizinisi abo, njengoba uhulumeni uqhubeka nokugqugquzela ukuthengwa kwezimpahla nezinsiza kubantu bendawo.Lokhu kwenzeke emhlanganweni wokuhlomisa osomabhizinisi obubanjwe eKhohlwa Assembly of God, ngaphansi kweKwaNgcolosi Tribal Authority, kuWadi 2 ngaphansi koMasipala waKwaMaphumulo.Lo mcimbi uhlelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA), ngehhovisi lawo iLembe Youth Economic Empowerment, ngokubambisana neEnterprise iLembe Development Agency.Umhlangano ubuhlelwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Local Rural Economies Matter”, ngenhloso yokwazisa osomabhizinisi ngamathuba, izinhlelo zokwesekwa nezinsiza ezingabasiza ukuthi amabhizinisi abo akhule futhi azimele.Abamele uMasipala waKwaMaphumulo, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, iNational Youth Development Agency (NYDA) nezinye izinhlaka nabo bahlanganyele ekucobelelaneni ngolwazi.IEnterprise iLembe, okuyisikhungo sezomnotho seSifunda iLembe, igxile ekuthuthukiseni amabhizinisi, ekuheheni abatshalizimali nasekukhuliseni umnotho wasendaweni. IMaphumulo yona ibhekwa njengendawo enamathuba ebhizinisi lomphakathi nokukhiqizwa kwasendaweni.Lesi sifunda sinamabhizinisi amancane abhekwa njengengxenye ebalulekile ekwakheni amathuba emisebenzi nasekunciphiseni ububha ezindaweni zasemakhaya. IEnterprise iLembe isanda kuqhubeka nezinhlelo zokuhlinzeka amabhizinisi afanelekile ngemishini nezimpahla zokuwasiza ukuthi athuthukise ukukhiqiza, ancintisane futhi aqine emakethe.Abahleli bagcizelele ukuthi ukusebenzisa amabhizinisi endawo nokuthenga kubantu bakule ndawo kungasiza ukuthi imali ihlale emiphakathini, kudaleke amathuba emisebenzi futhi kukhule umnotho wasemakhaya.