Kuzovuleka amathuba emisebenzi ngokulungiswa komgwaqo waseVusizwa

Isithombe: UMasipala waKwaMaphumulo wethule usonkontileka ozolungisa umgwaqo ongu-1,5km eWadini 1. Isithombe sithunyelwe.

KUZOVULEKA amathuba emisebenzi kubantu bendawo ngokulungiswa komgwaqo uVusizwa Gravel Road, oseWadini 1 ngaphansi kukaMasipala waMaphumulo, KwaZulu-Natal. IMeya kaMasipala waMaphumulo, uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, ihambele umkhandlu wobukhosi bakwaNgcolosi izolo, ihambisana neKhansela laseWadini 1, uKhansela N. Sithole, uSotswebhu womkhandlu, uKhansela N. Nkosi, kanye nethimba loMnyango wezobuChwepheshe (Technical Services), beyokwethula usonkontileka ozokwenza lo msebenzi.Lo mgwaqo ongamakhilomitha angu-1,5 uzolungiswa ngemali yoxhasomali lukahulumeni olubizwa ngeMunicipal Infrastructure Grant (MIG), kanti umsebenzi kulindeleke ukuba uqale maduze.Ngokukamasipala, kulindeleke ukuba lo msebenzi uvulele abantu bendawo amathuba emisebenzi alinganiselwa kwabayisishiyagalombili.“Ukulungiswa kwalo mgwaqo kuyingxenye yemizamo kamasipala yokuthuthukisa ingqalasizinda yasemakhaya, ukuze izakhamuzi zikwazi ukuhamba kalula futhi zifinyelele ezinsizeni ezibalulekile,” kusho uKhuzwayo-Dlamini.Imigwaqo esesimweni esihle ibalulekile ekuthuthukisweni kwemiphakathi ngoba isiza abafundi ukuya ezikoleni, izakhamuzi ukufinyelela ezikhungweni zezempilo kanye nabalimi ukuthutha imikhiqizo yabo iye ezimakethe.Ngaphezu kokwenza ngcono ukuhamba kwezimoto nabantu, lo msebenzi kulindeleke ukuba ube negalelo ekuthuthukiseni umnotho wendawo ngokunikeza izakhamuzi ithuba lokuthola imali ngokusebenza kulo msebenzi.Ukubambisana kukamasipala nomkhandlu wobukhosi nakho kuyingxenye ebalulekile yokuqinisekisa ukuthi imisebenzi yokuthuthukisa ingqalasizinda iyafinyelela emiphakathini eyidingayo.Ukuqala kwalo msebenzi kuzoba yisinyathelo esibalulekile ekuthuthukiseni umgwaqo waseVusizwa, ngesikhathi izakhamuzi zilindele izinguquko ezizokwenza ukuhamba kwazo kwansuku zonke kube lula futhi kuphephe.