Liya ngokudlondlobala ibhizinisi lomsebenzi wezandla lowesifazane waKwaDukuza

Isithombe: Eminye yemikhiqizo wezandla ka Nksz Nombuso Gumede. Isithombe sithunyelwe.

UKUPHELA komsebenzi ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19 akuzange kumise uNksz Nombuso Gumede ekufuneni indlela yokuziphilisa, njengoba wagcina esungule ibhizinisi lakhe lezandla, iN Crafts And Crochet, elizinze KwaDukuza.UGumede wasungula leli bhizinisi ngo-2019 kanti ligxile ekwenzeni imikhiqizo ye-crochet eyenziwa ngezandla. Phakathi kwemikhiqizo eyenziwayo kubalwa izigqoko, izingubo nezinsiza zezingane, izingubo zokulala, izikhwama, izingubo zokubhukuda, izikhafu kanye nemihlobiso yasekhaya.Uthi uhambo lwakhe kwezamabhizinisi lwaqala ngesikhathi elahlekelwa umsebenzi ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19. Lokhu kwamenza wasebenzisa ikhono lakhe lokuluka njengendlela yokuthola imali, kodwa ngokuhamba kwesikhathi umsebenzi wakhula waba ibhizinisi alakhela phezu kokuzimisela.“Yonke imithungo imele ukuqina kanye nenhliziyo yowesifazane owakha ikusasa lakhe,” kusho uGumede. I-N Crafts And Crochet iphinde yamukele ama-oda akhethekile nawobuningi, okwenza amakhasimende akwazi uku-oda imikhiqizo ehambisana nezidingo zawo.Udaba lukaGumede luhambisana nesimo esibanzi samabhizinisi amancane aphethwe ngabesifazane eNingizimu Afrika. Izibalo zeStatistics South Africa zikhombisa ukuthi abesifazane emabhizinisini angakahlelwa ngokusemthethweni bakhuphuka kusuka ku-40.4% ngo-2017 baya ku-42.3% ngo-2023. Nokho, uxhaso lwezimali lusalokhu luyinselelo, njengoba ngo-2023 bangu-4.9% kuphela abanikazi besifazane bamabhizinisi angakahlelwa ngokusemthethweni abathola uxhaso lokuqala olusemthethweni.UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane unezinhlelo ezihlose ukweseka osomabhizinisi besifazane, okubalwa iSheTradesZA, ehlinzeka ngamathuba okufinyelela ezimakethe, ukuqeqeshwa kanye nokuxhumana nabathengi nabanye osomabhizinisi.UMasipala waKwaDukuza nawo unohlelo lokweseka amabhizinisi amancane, kanti umbiko wawo wonyaka uveza ukuthi amabhizinisi amancane angama-75 akhethwa ukuba angene ohlelweni lokuqeqeshwa nokwelulekwa ngezamabhizinisi olwalusekelwa yiSEDA.Gumede uyaqhubeka nokukhulisa iN Crafts And Crochet ngokusebenzisa ikhono lakhe lokuluka ukuze akhe imikhiqizo esetshenziswa emakhaya, ezikhathini ezikhethekile futhi enikezwa njengezipho.