OkwaDukuza nohlelo Siyahlola
Kungesikhathi ubuholi bomkhandlu buhambele izindawo zomphakathi
IMeya yaKwaDukuza, uSduduzo Gumede uhole ithimba elinanamakhansela amawadi kanye nezikhulu zikamasipala. uHlelo lwe Operation Siyahlola kuleliviki belivakashele amawadi u 01 nakuWadi 25. Lolu hlelo luhlose ukuvakashela izindawo zomphakathi, kuhlonzwe izinselelo ezikhona bese kuthathwa izinyathelo zokuzixazulula.Uhambo luqale eBhulohweni lase Shoti ma ubheke eNgudwini lapho ithimba lihlole khona isimo sebhuloho. Ngesikhathi sokuhlola kutholakale ukuthi ibhuloho lisasesimweni esihle, kodwa likhona inani elincane lomsebenzi odingakalayo wokulilungisa nokulinakekela ukuze liqhubeke nokusetshenziswa ngokuphephile ngumphakathi. Lelithimba lizungeze womabili ama wadi ase o1 nase 25 nakhona kuqhubeka nokuhlonzwa kwezakhiwo zomphakathi. Izikhuku zika Maspala bezikhona kulomzungezo ukuze ziqiniseka ukuthi yiluphi ushinstsho nosizo ezizolukhipha mashinyane ngaphansi kweminyango eziwusebenzelayo.Seliphetha uhambo, IMeya kanye nezikhulu zikamasipala bazibophezele ekutheni bazobuya kule ndawo maduze ukuze kwenziwe umsebenzi odingekayo wokulungisa kulama wadi amabili. Uhlelo lwe Opertion Siyahlola luyaqhubeka.