Omasipala abadonsa kanzima bazothola ukwesekwa

UNGQONGQOSHE wo Mnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zaboMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa

UHULUMENI usuzibophezele ukusiza omasipala abawu-38 abathwele kanzima ikakhulu kwezezimali, okuyindlela yokubasiza ukuphungula umthwalo ababhekene nawo njengoba kulungiselelwa ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba 4.Lokho kushiwo wuNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zaboMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa lapho edalule khona ukuthi lokhu bakwenzela ukuqinisekisa ukuthi labo masipala bayasimama futhi bakwazi ukwenza umsebenzi kahle.Nokho sifuna kucace ukuthi lokhu esikwenzayo akuxhaswe wumuntu kuphela nje kuyingxenye yohlelo lokusiza omasipala bethu ezinkingeni ababhekene nazo,” usho kanje.Lolu hlelo lokusiza labo masipala lubizwa ngeMunicipal Performance Turnaround Strategy (MPTAS) futhi olwenganyelwe nolubhekelelwe yikomidi lasephalamende i-Inter-Ministerial Committee.Eqhuba, uthe okunye okubakhathaza kakhulu wukuthi omasipala abaningi bakhombisa ukungasimami, kangangokuthi embikweni kaMcwaningi Mabhuku wonyaka ka-2024/25 kwavela ukuthi komasipala abawu-38, bayisikhombisa kuphela abakhombe ukwenza kahle. Bawu-28 okungabanga nomehluko omncane kubona, kwathi ababili kwakhomba ukonakala ngokuphindiwe kuwona bese kube ngowodwa ongakabuyi umbiko ngokusebenza kwawo.UHlabisa ugcizelele ukuthi awukho nowodwa umasipala ozoxhaswa ngemali nanganoma yini okunye kokuwusiza ukulungiselela ukhetho, kuphela nje lokhu ngokobasiza ukuzinzisa isimo sabo okubonakala siya ngokuya siba sibi kakhulu kunakuqala.Udalule nokuthi kulolu hlelo lokusiza labo masipala kubandakanya imali elinganiselwa kuR535 million ebekele ukusizwa omasipala okudingeka ukuthi kulungiswe ingqalasizinda ethile kubona, waveza nokuthi uMnyango wakhe usebenzisana nehhovisi likamgcinimafa ukusiza labo masipala abaxakwe yizikweletu ikakhulu ezogesi.UNgqongqoshe udalule nomasipala abebeqalile ukukhombisa ukusimama emva kokusizakala ngalolu hlelo okubalwa kubona i-Enoch Mgijima - okuvele ukuthi ususimame wakwazi ukulondoloza imali elinganiselwa kuR36 million futhi kwangatholakala gcobho endleleni osebenzise ngayo imali yokulungisa ingqalasizinda.Emfuleni nakhona kuvele ukuthi kuza kahle njengoba bekhombe ukusimama ikakhulu endleleni abanikezela ngayo ngezidingo zomphakathi ikakhulu uhlelo lokunikezela ngamanzi.I-Ditsobotla nayo ikhombe ukusimama endleleni ephethe ngayo, yingohlelo lokulungisa ingqalasizinda nokunye kokusebenza kwemaliUHlabisa udalule nokuthi umnyango wakhe uzobambisana nehhovisi likaMgcinimafa ukulekelela labo masipala ngaphambi nangemva kokhetho lohulumeni basekhaya, onhloso yakho wukusimamisa labo masipala ukuze bezokwazi ukusebenza ngendlela efanele.