OSOMABHIZINISI BATHOLE ITHUBA LOKUCIJWA KWEZAMABHIZINISI
Isithombe: Abanye bosomabhizinisi abathole izitifiketi ngemuva kokuphothula uhlelo lokuqeqeshwa. Isithombe sithunyelwe.
OSOMABHIZINISI abancane kanye namabhizinisi omphakathi bathole umfutho omusha ngemuva kokuphothula uhlelo lokuqeqeshwa oluhlelwe yiEnterprise iLembe Economic Development Agency ngaphansi kohlelo lwe-iLembe Business Incubation Programme. Izitifiketi zinikezwe abaphothule iMSME and Co-operative Training and Development Programme emcimbini obubanjwe ngenhloso yokubungaza impumelelo yabo kanye nokubahlomisa ngamakhono abazowasebenzisa ekukhuliseni amabhizinisi abo.Ngesikhathi sohlelo, abahlanganyeli baqeqeshwe ngezindlela ezahlukene zokuphatha nokuthuthukisa amabhizinisi, okubalwa ukuphathwa kwezimali, amathenda nokuthengwa kwezimpahla nezinsizakalo, ukwethulwa kwamabhizinisi, ukumaketha ngedijithali kanye nokuthuthukiswa kosomabhizinisi.Baphinde bathola ulwazi ngokwengeza inani emikhiqizweni, ukucutshungulwa kwemikhiqizo yezolimo, ukuthola izimakethe zemikhiqizo yezolimo, izindlela zokulima kanye nokuthuthukiswa kosonkontileka.Lezi zifundo zihlose ukusiza abanikazi bamabhizinisi ukuthi baphathe kahle izimali namabhizinisi abo, bakwazi ukuthola amathuba amasha futhi bakhulise umkhiqizo ukuze amabhizinisi abo akwazi ukuqhubeka isikhathi eside.USihlalo weBhodi leEnterprise iLembe, uMnuz Nkosenhle Mngadi, uthe ukuthuthukiswa kwamakhono kubalulekile ekutheni osomabhizinisi bakwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni wendawo.UMngadi uphinde wakhuluma ngamathuba nemisebenzi yezomnotho eqhubekayo ezingxenyeni ezahlukene zesifunda iLembe, wanxusa intsha ukuba izihlomise ngamakhono ukuze ikwazi ukusebenzisa la mathuba.Uthe amathuba ayavela, kodwa intsha kumele izilungiselele ngokufunda, ukuthuthukisa amakhono nokwakha amabhizinisi akwazi ukuncintisana.IEnterprise iLembe ithe izoqhubeka nokweseka amabhizinisi amancane naphakathi kanye namabhizinisi omphakathi ngokuqeqesha, ngokweluleka, ngokuwaxhumanisa nezimakethe nangokuwanikeza olunye usizo oludingekayo ekuthuthukisweni kwamabhizinisi.Ukwanda kwamabhizinisi endawo kungaba nomthelela ekudalweni kwamathuba omsebenzi, ekusizeni imindeni nasekukhuliseni umnotho wesifunda iLembe.Lo mcimbi uphinde waba yisikhumbuzo sokuthi ukufunda nokuthuthukisa amakhono kungaba yisinyathelo esibalulekile kosomabhizinisi abafuna ukukhulisa amabhizinisi abo nokungena emathubeni amasha ezomnotho.