UMasipala ubuyisa ithemba kubantu baSoyengweni ngomgwaqo uKhukho
Intatheli yeSivubela Intuthuko Imisebenzi iyabonakala kuMasipa waKwaMaphumulo oholwa yiMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo‑Dlamini, nje ngoba kwethule ngokuse...
Intatheli yeSivubela Intuthuko Imisebenzi iyabonakala kuMasipa waKwaMaphumulo oholwa yiMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo‑Dlamini, nje ngoba kwethule ngokusemthethweni isigaba sesibili (Phase 2) somgwaqo u Khukho Road oseWadi 4, eSoyengweni. UMeya ubehambisana noSekela Meya uKhansela P Shezi, uSomlomo womkhandlu uKhansela C. S Shange, uSotswebhu womkhandlu uKhansela N Nkosi,amaKhansela kanye nezikhulu zikaMaspala. Lomsebenzi uxhaswe ngohlelo lwe Municipal Infrastructure Grant (MIG) olungaphansi kukaCOGTA. Isigaba sesibili sihlanganisa ukulungiswa ngeStabilised Gravel onobude obulinganiselwe ku-2 km,ukuhlinzeka ngengqalasizinda yokuhambisa amanzi (drainage) kanye nama-guard rails okuvikela izimoto. Inkampani yakwa Mahushu Civils iyona ephethe lo msebenzi wokulungisa lomgwaqo nosudale amathuba emisebenzi alinganeselwa ku-19 kubantu bendawo. Ekhuluma emhlanganweni wokwethulwa, uMeya Khuzwayo-Dlamini ubongele umphakathi waseSoyengweni ngokuba nesineke ngesikhathi umsebenzi uqhubeka, waphinde wanxusa izakhamizi ukuba ziwuphathise okwezikhali zamantungwa lomgwaqo. Ngokusho kwaloMasipala, kulindeleke ukuthi isigaba esilandelayo kube esokufakwa kwetiyela ngonyaka-mali ozayo, okuyisinyathelo esizoqinisekisa ukuthi abahamba ngezimoto basebenzisa umgwaqo ophephile.