UMkhandlu ukhulekela ukhetho olunokuthula nabafundi bakamatikuletsheni
Isithombe: UMeya unxuse osopolitiki ukuthi babekezelelane, abafundi wabafisela impumelelo ezivivinyweni zokuphela konyaka. Isithombe sithunyelwe.
KUBE nomkhuleko wezinkolo ezahlukene obuhlelwe uMasipala waseMandeni ngokubambisana namabandla ezenkolo, ngenhloso yokukhulekela abafundi bakamatikuletsheni abazobhala izivivinyo zokuphela konyaka kanye nokhetho olunokuthula. Lo mkhuleko ububanjwe ngoLwesine, mhla ziyisi-8 kuMfumfu wezi-2026, lapho abahlanganyeli bephinde bathandazela ukuthula, ukubekezelelana nokuzwana phakathi kwezakhamuzi, ikakhulukazi njengoba izwe lilungiselela ukhetho.IMeya kaMasipala waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, ifisele abafundi bakamatikuletsheni impumelelo ezivivinyweni zabo, yabakhuthaza ukuba bazethembe futhi bazinikele ezifundweni zabo.UMdlalose uthe umkhuleko ubuhlose ukucela uNkulunkulu ukuba aqondise abafundi ngesikhathi bebhala izivivinyo, bangaphazamiseki futhi bakwazi ukukhombisa abakufundile.“Njengoba sihlangene nje, sikhulekela ukuthi uma senibhala, uNkulunkulu anikhumbule, kungabi bikho okuzoniphazamisa ekubhaleni kwenu. Sinifisela ukubhala okuhle,” kusho uMdlalose.Uphinde wakhuluma ngokubaluleka kokuthula nokubekezelelana phakathi kwamaqembu ezepolitiki njengoba kuqhubeka amalungiselelo okhetho.Uthe osopolitiki akumele bakhohlwe ukuthi inhloso yokungena kwabo kwezepolitiki ukuthuthukisa izimpilo zabantu, okuyibona ababanikeza ithuba lokubamela.“Koza kwethu kwezepolitiki, konke esikwenzayo masingakhohlwa ukuthi sikwenzela ukushintsha izimpilo zabantu. Njengoba besithemba ngokusivulela iminyango yabo uma sikhankasa, masibakhumbule ngezikhathi zonke, sibekezelelane, siqhubekisele phambili usiko lokubambisana, ukuzwana kanye nokubekezelelana,” kusho yena.Lo mkhuleko ube yithuba lokukhumbuza umphakathi ngokubaluleka kokuhlalisana ngokuthula, kungakhathalekile ukuthi abantu basekela liphi iqembu lezepolitiki noma bakhonza kuyiphi inkolo.Ukubambisana phakathi kukamasipala namabandla ezenkolo nakho kugqamise indima edlalwa yizinhlangano zomphakathi ekukhuthazeni ukuthula, ukuzwana nokubumbana phakathi kwezakhamuzi.Njengoba abafundi belungiselela izivivinyo ezibalulekile, umyalezo obugqugquzelwa kulo mkhuleko ubugxile ekubakhuthazeni ukuba basebenze ngokuzikhandla, babe nokuzethemba futhi balwele ikusasa eliqhakazile.Ngakolunye uhlangothi, amaqembu ezepolitiki anxuswe ukuba abeke izidingo zabantu phambili, agweme ukungezwani okungadala udlame futhi aqinisekise ukuthi izinqubo zokhetho ziqhutshwa ngenhlonipho nangokuthula.