Umtelebhelo Udonsa Intandokazi Yamahhashi eNdwedwe

Bekusiphuka izidindi kuMelebhelo walonyaka enDwedwe ....

SEKUVUSELEKE uthando lomjaho wamahhashi eNdwedwe, njengoba umdlalo woMtelebhelo uqhubeka nokukhula futhi uheha abagibeli nabathandi bamahhashi abavela ezindaweni ezahlukene.Lo mcimbi, obubanjelwe eKhenana Mountain, eNdwedwe, ubuyingxenye yoMkhosi wesibili waminyaka yonke we-iLembe Mtelebhelo Festival, obuhlelwe nguMasipala Wesifunda iLembe ngokubambisana ne-iLembe Mtelebhelo Horse Association.UMtelebhelo awusagcini ngokuba umdlalo wabantu bendawo, njengoba usudonsa abagibeli nabathandi bamahhashi abavela nakwabanye oMasipala. Lokhu kukhombisa ukuthi lo mdlalo uya ngokuya uthola udumo futhi uba yingxenye ebalulekile yemidlalo namasiko KwaZulu-Natal.UMeya waseNdwedwe, uKhansela Samuel Mfeka, ubonakale ejabule ngokudlondlobala kwalo mdlalo, wathembisa nokuba yingxenye yawo njengoba udlala indima enkulu ekuvundululeni nasekuthuthukiseni ithalente lamahhashi, okuyinto intsha yaseNdwedwe eyijabulela kakhulu.Lo mkhosi uhlanganise imiphakathi, abaholi kanye nabanye ababambiqhaza ngenhloso yokugubha amagugu amasiko, ukukhuthaza ubumbano, ezokuvakasha kanye nokuthuthukiswa komnotho.Umcimbi uphinde wahanjelwa abaholi boMasipala Wesifunda iLembe kanye noMasipala waseNdwedwe, kanti uhlonishwe ngokuba khona kwePhini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala.Okugqame kakhulu kulo nyaka kube umjaho wabesifazane, obubanjwe ukuhlonipha iNyanga Yabesifazane. Lo mjaho uveze ukuthi abesifazane baya ngokuya beyingxenye ebalulekile kulo mdlalo, waphinde wagcizelela ukubaluleka kokubahlomisa ngamathuba kwezemidlalo nasemasikweni.Lo mdlalo uphinde unikeze intsha ithuba lokuzibandakanya kwezemidlalo, ifunde ngamakhono ahlobene nokunakekelwa nokuqeqeshwa kwamahhashi, futhi ibone ukuthi amasiko angaguqulwa abe ngamathuba okuziphilisa.UMasipala Wesifunda iLembe uthi ukukhula kwalo mkhosi kuyingxenye yemizamo yokukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho wendawo, ezokuvakasha, ukuthuthukiswa kwentsha kanye nokuhlomisa imiphakathi.Ukubanjwa kwalo mcimbi eKhenana Mountain kuphinde kwenza iNdwedwe iqhubeke nokugqama njengendawo lapho amasiko nemidlalo yesintu ingasetshenziswa khona ukuheha izivakashi nokukhuthaza umnotho wendawo.