UShinga unxusa intsha ukuba iguqule amakhono abe amathuba emisebenzi
UNgqongqoshe woMnyango weNtuthuko yoMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga, emcimbini wokuthweswa iziqu kwentsha ebiyingxenye yohlelo lwe-Midlands Cluste...
INTSHA engu-89 yase-Amajuba, uMzinyathi noThukela, iphothule uhlelo lokuthuthukiswa kwamakhono yatshelwa ukuba ingagcini izitifiketi emakhaya, kodwa izisebenzise ukuzakhela amathuba emisebenzi nokudala amathuba kwabanye.Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe woMnyango weNtuthuko yoMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga, emcimbini obuseShow Hall eNewcastle ngoLwesibili mhla zingama-25 kuNcwaba 2026.Abaphothule baqeqeshwe ngamakhono okufakwa kwe-DStv namafayibha, ukufakwa nokulungiswa kwamasolar, ukuthunga nokwakha ngezitini. Banikezwe nezitifiketi ezigunyaziwe namakhithi okuqala amabhizinisi aqukethe imishini yokuthunga, umshini wokuhlola isignali yedijithali, amathuluzi kagesi, i-digital multimeter namathuluzi okwakha.UShinga uthe lolu hlelo luhlose ukusiza intsha ithole imisebenzi, iziqalele amabhizinisi futhi ikwazi ukuziphilisa.“Sifuna ukubona abantu bakithi besuka esimweni sokuhlala bethembele osizeni, baye esimweni lapho bengakwazi ukuzimela futhi bazakhele indlela yokuziphilisa.”Uphinde wathi uhulumeni awukwazi ukuqasha yonke intsha engasebenzi, ngakho kumele ibheke kwezamabhizinisi, imifelandawonye namathuba emkhakheni ozimele. “Lapho nivela khona akusho ukuthi yilapho impilo yenu iyogcina khona. Ninawo amakhono, ninamandla futhi ninakho konke enikudingayo ukuze niguqule izimpilo zenu.”UMnuz Mthokozisi Andile Ntusi, oqeqeshelwe ukufakwa kwe-DStv namafayibha, uthe lolu qeqesho selumvulele ikusasa elingcono.“Manje njengoba senginawo amakhono, ngizokwazi ukudala amathuba emisebenzi kulabo bantu abasha ama-CV abo angalitholi ithuba emakethe yemisebenzi.”IPhini leMeya yaseNewcastle, uKhansela A.T. Nkosi, likhuthaze abaphothule ukuthi basebenzisane futhi badluliselane amakhasimende, kanti uMnu D. Zikhali wase-SEDA ubakhuthaze ukuthi basebenzise amathuba okuqeqeshwa nosizo lwezimali ukuze bakhe amabhizinisi.UShinga uthe ukuthweswa iziqu akusona isiphetho, kodwa kuyisiqalo. “Namuhla sigubha lokho enikuqedile, kodwa kusasa kuqala umsebenzi wangempela wokwakha ikusasa lenu.”