sivubelaintuthuko.co.za
UMKHANDLU WETHEKU NOHLELO LOKUTHENGWA KWAMABUS AMASHA - Sivubela Intuthuko
MAGAYE CELE UMKHANDLU weTheku oholwa nguKhansela Mxolisi Kaunda sewubeke eceleni imali eshisiwe elinganiselwa ku-R450 million ezosetshenziselwa ukuthi kuthengwe amabus amasha oMkhandlu. Kuzokhumbuleka phela ukuthi ezokuThutha ngenye yezinto lo mkhandlu ohlezi ukuveza ngokusobala ukuthi uzibeka eqhulwnini ngoba zibalulekile kakhulu. Izindaba zokuthengwa kwamabus amasha oMkhandlu zivezwe nguMnuz Sandile Mnguni ongesinye seziKhulu eziphezulu kuMkhandlu weTheku esibhekelele kakhulu ezezimali kulo