LOYO onguNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu, uMnuz Thami Ntuli uphosela inselelo bonke omasipala basesiFundazweni ukuba babhukule baqinisekise ukuthi bathola imibiko kamcwaningi mabhuku engenawo ugcobho.

UNtuli uthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kuqinisekiswe ngayo yonke indlela ukuthi omasipala basebenza ngendlela efanele negculisayo esiFundazweni saKwaZulu Natal.

Uthi okuseqhulwini kunakho konke ukuqinisekisa ukuthi bonke omasipala bathola imibiko kamcwaningi mabhuku engenawo ugcobho.

Uthe omasipala kumele bakulwele ukuthi kufanele mabasebenzise imali ngendlela efanele futhi ehlomulisa umphakathi.

Echaza kabanzi ngalokhu uNtuli uthe ukholwa ukuthi omasipala yibona abawumgogodla wokufinyelela kwentuthuko kubantu.

“Angeke sisakubekezelela manje ukuthi omasipala bengenzi kahle. Sifuna ukubumba uhlobo lomasipala olubeka abantu phambili futhi olugxila ekuphuthumiseni izidingo kubantu ngaso sonke isikhathi,” usho kanje.

Uveze ukuthi sekuzoba kukhulu manje ukuxhumana phakathi kwehhovisi likandunankulu nomasipala abehlukene KwaZulu Natal.

“Lokhu kuxhumana kuzohamba ibanga elide kakhulu futhi ngikholwa ukuthi kuzowulekelela kakhulu umphakathi wakithi futhi kuzodala ukuthi izinto ezimayelana nentuthuko zibonakale zenzeka kalula ngaso sonke isikhathi,” usho kanjena.

UNtuli uthe ukholwa ukuthi bonke omasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal basangenza okungcono kakhulu kunalokho abakwenzayo manje.

“Abantu bakithi kumele sibenze babuyelwe yithemba ngempilo engcono futhi baqale phansi basethembe,’’ usho kanjena.

UNtuli ukhuluma kanjena naloyo onguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa neziNdaba zoMdabu esiFundazweni saKwaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi usanda kukugcizelela ukubaluleka kokwenza kahle komasipala baKwaZulu Natal.