MAGAYE CELE
LOYO onguNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli wethule ngokusemthethweni uhlelo oluhlabahlosile lokuthuthukiswa kwamadolobha ehlukene asezingxenyeni ezahlukene zesiFundazwe seKwaZulu Natal.
Lokhu uNdunankulu uNtuli umemezele ukuthi bazobe bekwenza ngaphansi kohlelo abalwethe elokuthi yiKwaZulu Natal Secondary Cities Network.
Phakathi kwamadolobha uNdunankulu uNtuli athe ahlonzwe njengakwazi ukuthi adale ukuthukutha kweKwaZulu Natal kubalwa lawa alandelayo yiRichards Bay, uMhlathuze, yiLadysimth, yiNewcastle namanye.
UNdunankulu uNtuli uthe kumqoka kakhulu ukuba kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi nakanjani ayathuthukiswa amadoloba aKwaZulu Natal.
“‘Sihlose ukubumba uhlelo oluzodala ukuthi kube nokuguquko oluhle oluzobonakala lwenzeka ngokushesha kulawa madolobha esikhuluma ngawo. Sikholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu okufanele masiyibone yenzeke,”usho kanjena.
Eqhuba uNtuli uthe ukuthuthukiswa kwalawa madolobha kumele kugcine sekuholela ekutheni nomnotho wawo ubonakale udlondlobala okuyinyto athe nakanjani ingagcina isidala ukuthi kudaleke amathuba omsebenzi.
“Njengamanje ayikho into engikholwa ukuthi imqoka ngaphezulu kokuba kudaleke amathuba omsebenzi kuwona wonke amadolobha ethu. Lokhu kuzolekelela kakhulu nasekutheni bangabi baningi kakhulu abantu abashiya amadolobha baze bagijime baye eThekwini ekubeni ekhona amathuba nasemadolobheni abazobe bekuwona ngaleso sikhathi,”usho kanjena.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi lolu hlelo luzobonakala luthela izithelo ezinhle ngokuhamba kwesikhathi.
”Sifuna kukhulunywe indaba yokuthi lolu helo selwenze umehluko omkhulu kubantu eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi. Ngokusebenza ngokubambisana ngikholwa ukuthi nakanjani lokhu kuzobonakala kewenzeka futhi kuhamba kahle,”usho kanjena.
Ugcizelele ukuthi bafuqa umbhidlango wokuqinisekisa ukuthi isiFundazwe saKwaZulu Natal siba yilento abantu abafisa ukuthi sigcine sibe yisona.
Uthe bahlose nokuthi kube nezinye izinhlaka abasebenzisana nazo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaphumelela futhi alubi nezingqinamba.
”Okumqoka ukuthi kumele sisebenzisane sonke ukuze lolu hlelo luzobonakala luphumelela,”usho kanjena.
Lolu hlelo lushayelwe ihlombe elikhulu ngabantu abaningi baKwaZulu Natal bathi bakholwa ukuthi nakanjani luzobonakala lwenza umehluko omkhulu ngokuhamba kwesikhathi.
