sivubelaintuthuko.co.za
UNdunankulu ufuna intuthuko ibonakalenasezindaweni zasemakhaya - Sivubela Intuthuko
UNDUNANKULU uNkk Nomusa Dube Ncube MAGAYE CELE UNDUNANKULU wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube uthi ufuna ukugxila kakhulu ekulungiseni izinkinga eziholela ekutheni zigcine zingasafiki kubantu abasezindaweni ezisemakhaya izidingo zomphakathi. UNdunankulu uDube Ncube uthe kuyinto emqoka kakhulu ukuthi bona njengobuholi obuphezulu basesiFundazweni saKwaZulu Natal babonakale kuba khona abakwenzayo njalo uma kukhulunywa ngokuphuthuyiswa kwezidingo zomphakathi kubantu